UNOZINTI weRichards Bay FC, uSalim Magoola, uwubona ufanele uRonwen Williams umklomelo kanozinti ovelele abazowubanga kumaPSL Awards ngempelasonto.
UMagoola wase-Uganda, ubedlala okokuqala kwiDStv Premiership kule sizini kodwa usezakhele ugazi kubalandeli bebhola abaningi eMzansi ngenxa yekhono lakhe ezintini.
Usheshe wazibonakalisa ngokuwina umklomelo weDStv Premiership Player of The Month kaSepthemba no-Okthoba. Emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomelisa abenze kahle ngesizini ka-2022/2023 ozoba ngeSonto, uMagoola uzobanga umklomelo weDStv Premiership Goalkeeper of The Season noWilliams weMamelodi Sundowns noMelusi Buthelezi osanda kushiya iTS Galaxy, osekhonjwa kwi-Orlando Pirates.
Emidlalweni engu-27, ingu-12 uMagoola angangenelwanga yigoli kuyona. UButhelezi akalilandanga ibhola enethini emidlalweni engu-10 kwengu-21 ayivimbile kumaRockets.
UWilliams wephule irekhodi likaMoeneeb Josephs lokungangenelwa lutho emidlalweni engu-17, wabeka elisha lika-18 emidlalweni yeligi engu-26 ayidlalile ngesizini ka-2022/2023. UJosephs wabeka leli irekhodi ngesizini ka-2009/10 esavimbela i-Orlando Pirates.
"Ngiyajabula kakhulu ngokuqokelwa lo mklomelo. Ngibonga uMdali ngalokhu. Bekungelula kwazise bengiqala ukudlala kule ligi. Kungimangazile kakhulu ukuqokelwa umklomelo. Lokhu kukhombisa indlela esisebenza kanzima ngayo siyithimba lonozinti. Lokhu akukhona okwami, okweqembu ngoba sivimba sonke siyiqembu ukuthi singangenelwa ngamagoli futhi konke sikulwe ngokubambisana," kusho uMagoola.
"Ngicabanga ukuthi amathuba okuwuwina umklomelo mancane kakhulu ngoba kubhekwa isibalo semidlalo ongangenelwanga yigoli kuyona. URonwen udlale kahle kakhulu kule sizini. Uyena osivimbile nathi ngesikhathi sidlala nabo. Ubelisiza kakhulu iqembu lakhe, ngakho ngibona umfanele umklomelo. Ungunozinti osezingeni eliphezulu futhi wephule nerekhodi. Isifiso sami sifezekile sokuba lapha. Ngijabule kakhulu."
UMagoola ushaye into ecokeme esigabeni sokuqala sesizini kodwa kubukeka ukwehlelwa yifomu kweqembu kumcekele phansi. IBay igcine isilengela engozini yezembe phezu kokuba ihlale ndaweni yesibili isikhathi eside.
"Asenzanga kabi kangako kwazise inhloso yethu bekuwukuzinza kwiPremiership. Siqale kahle isizini kodwa sashaya into ephansi esigabeni sesibili. Okubalulekile wukuthi sikwenzile ebesizibekele kona (ukugwema ukudliwa yizembe)," kusho uMagoola.