UMDLALI wasesiswini waMaZulu FC, uSphesihle Maduna, ugqugquzelekile ukuthi ashayele iqembu amagoli amaningi ngemuva kokushaya igoli lakhe lokuqala kule sizini, ngempelasonto.
Lo mdlali odabuka eWatersmeet eMnambithi, ushaye iphenathi Usuthu ludlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngaphambi kwalokhu ubegcine ukushaya igoli emdlalweni wokugcina weligi ngesizini edlule, beshaywa yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1. Ngesizini edlule ushaye amagoli amathathu esewonke kodwa uthe uwalambele amanye kule sizini.
“Bekumnandi ukushaya igoli ngoba bese kunesikhathi ngagcina ukunyakazisa inethi. Ukushaya igoli kuhlale kumnandi, ngakho ngijabule kakhulu ngalokho,” kusho uMaduna.
“Umqeqeshi ulindele ukuthi ngisize iqembu lidlale enkundleni, ngibe wumxhumanisi weminyango eyahlukene kodwa naye ulindele ukuthi ngishaye amagoli.
“Inhloso yami wukwenza lokho ukuze ngisize iqembu linqobe izindebe. Phezu kwalokho ngiyafisa ukuzibona ngihlomula ngokuqokwa ukuba ngumdlali ovelele wenyanga kwiligi, noma umdlali ovelele wesizini."
AmaZulu aseshaywe kane kwiligi, adlala ngokulingana kwemithathu emidlalweni eyisithupha edlule. Azoya emdlalweni wakusasa neMaritzburg United ethungatha amaphuzu amqoka, kanjalo negunya lokuqhosha emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal. Umdlalo ungo-5 ntambama eMoses Mabhida Stadium.
Ngemuva kwawo Usuthu luzobe seluzilungisela ukuyodlala neKaizer Chiefs ngeSonto owandulela owamanqamu weMTN 8.
“Ayikho imidlalo esiyikhethayo. Yonke iyafana kithina futhi ibalulekile. Lo mdlalo weligi neMaritzburg asiwuboni uyisiphazamiso,” kwengeza uMaduna.
“Sekunesikhathi singanqobi nowodwa umdlalo kodwa lokho akubi nomthelela omubi kithina siyiqembu ngoba siyazi ukuthi sisazowina imidlalo.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi kuzokwenzekani uma sibhekene neMaritzburg kodwa engingakusho wukuthi ngeke kube wumdlalo olula. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu futhi sizokwenza konke okusemandleni ukunqoba lo mdlalo.
“Ngikholwa wukuthi sisazoqeda amaqembu amaningi ngamaqhinga esiwathola kumqeqeshi wethu omusha.”
Njengamanje Usuthu lusendaweni yeshumi ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-10. ITeam of Choice kumanje isendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-10 emidlalweni engu-10.
Ngesikhathi la maqembu ehlangana ngesizini edlule adlale ngokulingana ngo 1-1 eHarry Gwala Stadium, kwathi owaseMoses Mabhida Stadium kwanqoba Usuthu ngo 1-0.
EzikaJohn Maduka zihlulwe kabili, zadlala ngokulingana kanye emidlalweni emithathu yokugcina yeligi.