UZIMISELE ngokubaphatha ngesineke abadlali abasebancane eqenjini lakhe ukuze liqhubeke nokudlondlobala umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka.
NgoMgqibelo iThwihli Thwahla ivuke seyilandela ngemuva ngamagoli amabili, yabambana neKaizer Chiefs ngo 2-2 koweBetway premiership emdlalweni obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Kulo mdlalo abanye babadlali abagqamile kwezikaMaduka kube ngoBandile Dlamini (21), Ayanda Jiyane (22), Sabelo Sithole (22) nabanye.
EzikaShauwn “MaMkhize” Mkhize azikwazanga ukusayinisa abadlali abasha ngaphambi kokuqala kwale sizini ngenxa yesigwebo esakhishwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa. Lokhu kungenxa yokungayikhokhi imali okwakufanele ziyinike owayengumgadli wazo, uSamir Nurkovic.
UMaduka uthe nakuba ethembele kubona laba badlali abasebencane kodwa kufanele abanike nethuba lokukhula, bazinze esigabeni esiphezulu.
“Ngiyaziqhenya ngalaba bafana. Akulula ukubuya usungemuva ngo 2-0 ubhekene neqembu elifana neChiefs. Babuyile bakwazi ukuthola iphuzu. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabo kodwa akufanele sikhohlwe ukuthi leli yiqembu elincane,” kusho uMaduka.
“Uma kunabadlali abaningi abasebancane enkundleni ungawalindela amaphutha athile. Kuyingxenye yokukhula kwabo. Kunzima kodwa kumele ube nesineke.
“Kufanele uqonde ukuthi bazowenza amaphutha. Uma usiqinisa kakhulu isandla kungenzeka bagcine sebedidekile. Basaqhuba kahle futhi sizokhuluma okunye uma sebeqine ukhakhayi.”
IThwihli Thwahla isendaweni ka-10 kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyisishiyagalolunye. Isanqobe umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kwemihlanu, yahlulwa kwemithathu.
Nangesizini edlule icoshe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyisishiyagalolunye yokuvula isizini.
Umdlalo obekumele iwudlale neStellenbosch FC maphakathi nesonto uhlehlisiwe ngenxa yokuthi iStellies izobe iyibambe kwiCaf Confederation Cup ngempelasonto.
EzikaMaduka sezizobuyela enkundleni ngoDisemba 13 lapho zizotholana phezulu naMaZulu FC koweligi wabakhaya baKwaZulu-Natal eMoses Mabhida Stadium.
Unyaka zizowusonga ngokududulana neTS Galaxy komunye weBetway Premiership ozodlalelwa eHarry Gwala Stadium ngo Disemba 29.