Lungile Majoka
NAKUBA iRoyal AM izoya esigodini sikaMaminzela, iyobhekana ne-Orlando Pirates esazithoba amanxeba ngemuva kokuvula ngenduku kwiDStv Premiership, umqeqeshi waleli qembu likaShauwn Mkhize, akanavalo ngezakhe.
IPirates ikhale ngaphansi ngo 1-0 kwiStellenbosch FC emdlalweni weligi, eDanie Craven Stadium ngoMgqibelo ebusuku kanti uJohn Maduka, opheka iRoyal AM, uthe iphuzu abalitholile kowabo umdlalo libanikeza ukuzethemba ngaphambi kokuyodudulana nezikaMagebhula.
IThwihli Thwahla ishikilisane yaze yabukana nomkhaya baKwaZulu-Natal, AmaZulu FC, kwaba ngu 0-0, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
“Yiphuzu elihle. Sikwazile nokungangenelwa yigoli. Lokhu kusinikeza ukuzethemba ngaphambi kokuyobhekana ne-Orlando Pirates ngoLwesibili. Ngeke sibekhona isikhathi sokuziqeqesha kodwa siwubheke ngabomvu lowo mdlalo," kusho uMaduka ethimbeni leRoyal AM labezindaba.
Mayelana nomdlalo waMaZulu uthe ubekulindele ukuthi ungavuleleki.
"Bekuwumdlalo wokuqala sonke besinokucophelela ngoba usuke ungafuni ukwenza amaphutha ngakho abengekho amathuba anele. Sidlale kahle emuva naseswini kodwa besingekho bukhali phambili."
Ngasohlangothini lweZimnyama, umqeqeshi wazo, uJose Riveiro uyihlabe wayihlikiza eyokuthi bashaywe ngoba benenkinga kubagadli.
Ekhuluma nabeSuperSport ngemuva komdlalo, uRiviero, ukuchithile ukuthi abawakhanga amathuba enele noma kukhona inkinga phambili.
"Angivumelani nalokho. I-Orlando Pirates ayikahlulwa kusukela ngoFebhuwari (ngaphambi komdlalo weStellies) uma ngingaphosisi. Lokho kusho ukuthi asinayo inkinga yamagoli. Ngakho akusiyona inkinga ngoba nakhu singalishayanga igoli namuhla. Ngijabule ngamathuba esiwakhile nabagadli nami," kusho uRiviero.
Ngesizini edlule iPirates ilahle inqwaba yamaphuzu idlala ngokulingana noma ihlulwe ngenxa yokuhluleka ukushaya amagoli phezu kokudlala kahle. Iqale ukuhlangana emzuliswaneni wesibili sekuvutha uTerrence Dvukamanja osejoyine iSupersport United.
Lo mqeqeshi waseSpain ephawula ngokubakhinyabeze emdlalweni weStellies, uthe: “Besiwulawula umdlalo enkundleni engeyinhle lokho okusho ukuzifaka engcupheni. Kwesinye salezo zikhawu, bakwazile ukusijezisa bephuma ngejubane. Ngemuva kwalokho sizame konke esinakho ukulinganisa kodwa izitha bese zigqishe emuva okwenze izinto zaba nzima. Umdlalo wokuqala, sihluliwe, sizoqhubeka. Sinomunye umdlalo ngoLwesibili.”