USALE ebalisa ngamaphutha enziwe ngabadlali bakhe, umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka ngemuva kokukhishwa yiKaizer Chiefs kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngempelasonto.
IRoyal AM iguqe ngo-2-1 esikhathini esengeziwe kulo mdlalo obubanjelwe eChatsworth Stadium, ngeSonto.
UMaduka usole abadlali bakhe ngokukopela obekwenziwa yiChiefs enkundleni esikhundleni sokudlala ibhola leli abaziwa ngalo.
Amakhosi abuye kade elandela emuva anqoba ngamagoli likaThabo Matlaba okube umkhonto ogwaze ekhaya nephenathi eshaywe uYusuf Maart.
Inkundla ibivulwe, uSamuel Manganyi, obesanda kungenela uHappy Jele, olimale umdlalo usanda kuqala.
NgokukaMaduka, lo mdlalo ubungenzima kangako kodwa abadlali bakhe ibona abacentele iChiefs indlela ebheke kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano.
Okuyikhona abekhala ngakho kakhulu lo mqeqeshi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, ukukhohlwa kwabadlali bakhe indlela abadlala ngayo baphika nobekwenziwa iChiefs.
“Indlela elula yokuchaza lo mdlalo ukuthi uma kungelona usuku lwakho kusuke kungelona,” kusho uMaduka kwabezindaba.
“Konke bekuhamba kahle saze sathola negoli. Akukho obekukhombisa ubungozi ngakwiChiefs kwaze kwaba iphutha lethu futhi eliyibuyisele emdlalweni.
“Sizenzele thina phansi kulo mdlalo. Uma ubhekene namaqembu afana neChiefs, amaphutha esiwenzile ayahlawuliswa njengoba kwenzekile,” kuqhuba uMaduka.
“Nakuba silwile kodwa ngiyakhala ngokulahla kwethu indlela esidlala ngayo. Ngaphezulu kwalokhu, siqome ukukopela lokhu abebekwenza. IChiefs ibilishaya phambili ibhola ngaso sonke isikhathi. Nathi silandele lowo mkhuba ekubeni sizazi ukuthi siyiqembu elilidlisa utshani ibhola.
“Ngiyazi imidlalo efana nale iyabathikameza abanye abadlali. Kulolu hlobo lwemidlalo, abadlali abafuni ukwenza amaphutha kanti kulapho besuke sebewenza khona impela. Engingakusho kugcwale umlomo ukuthi ngijabule ngomfutho wabafana,” kusho uMaduka.