UJOHN Maduka ongumqeqeshi weRoyal AM, uvuma eyokushaywa wuvalo oludalwa ukuvuza kodonga lwezakhe ngaphambi kokubhekana neKaizer Chiefs eyenza kahle kulezi zinsuku.
La maqembu azobhekana ngeSonto ngo-6 ntambama, eChatsworth Stadium, kowe-qaurterfinal yeNedbank Cup.
KwiLast 16, iThwihli Thwahla idlule komkhaya bayo iLamontville Golden Arrows kwathi AmaKhosi ashaya iCasric Stars.
Izindaba ezingezinhle kuMaduka wukuthi iRoyal iya kowangeSonto isingenelwe ngamagoli ayisishiyagalolunye, emidlalweni emine ilandelana.
Kulesi sibalo kubalwa negoli eliyingenele idlula kwi-Arrows ngo-3-1 kwiLast 16 nelingene ishaya iStellenbosch ngendlela efanayo.
Kwi-DStv Premiership ihamba phambili ngokungenelwa amagoli amaningi ukuwedlule wonke amaqembu. Ingenelwe ngawu-38.
Kukhona namane e-Caf Confederation Cup nelilodwa kwi-MTN8 nakwiNedbank. Ngakolunye uhlangothi sekuphele imidlalo eyisithupha kulandelana AmaKhosi engayazi induku.
Inqobe emine yeligi, owodwa weNedbank Cup yase ibambana ngo-1-1 neMorumo Gallants kwegcine ngawo.
Esithangamini nabezindaba eMgungundlovu, uMaduka ulibeke ngembaba elokuthi ngeke balungelwe yilutho uma bezoqhubeka nokungenelwa ngamagoli ngale ndlela.
"Impela ngiphatheke kabi. Kule midlalo embalwa edlule singenelwe ngamagoli amaningi. Iningi lawo lingene kungafanele. Siyazama ukusilungisa lesi simo yingakho nasemuva senze izinguquko. Ngijabulile ngendlela esivale ngayo emuva sibhekene neStellenbosch," kubeka uMaduka.
KoweStellies kubonakale emuva uHappy Jele edlala okokuqala selokhu ejoyine iRoyal ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Ubebambisene noMlungisi Sikhakhane noThato Lingwati.
Mayelana nomdlalo weChiefs, lo mqeqeshi uqhube wathi: "Sizodlala neqembu elishoshela ngamandla ukuya phambili. Sizoba nenkinga uma sizoba ntekenteke emuva. Kuzomele sikhiphe konke esinakho. Ngaso sonke isikhathi uma sidlala neChiefs kuba sengathi ngumdlalo wamanqamu. NangeSonto akukho okuzohluka.“
Lo mqeqeshi ube esevikela iChiefs kulabo abayisola ngokwenzelelwa ngonompempe kule sizini.
"Ekupheleni kosuku akuyona iChiefs ethatha izinqumo, zenziwa ngonompempe. Okwethu ukudlala ngokuzimisela ngoba yinto yasebholeni ukuphuma kwamakhadi abomvu nokubekwa kwamaphenathi. Uma ufuna ukudlulela emzuliswaneni olandelayo kumele uqine zonke izindawo ngisho nasemqondweni.“
EzikaMaduka yizona zodwa emaqenjini aKwaZulu-Natal ezisele kulo mqhudelwano.
Zihlalelwe wumthwalo wokuqeda ishobolo lokuhluleka kwalesi sifundazwe ukunqoba inkomishi yeNedbank selokhu yasungulwa eminyakeni ewu-52 edlule.
Ngesizini edlule ziwashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu, khona eChatsworth.
Imi kanje seyiyonke eyama-qaurter final eNedbank Cup:
NgoMgqibelo - Ngo-3pm:
Dondol v Pirates (Peter Mokaba).
NgoMgqibelo - Ngo-6pm:
Stellenbosch v Sundowns, ( Athlone).
NgeSonto - Ngo-3pm:
Chippa v Sekhukhune (Nelson Mandela Bay).
NgeSonto - Ngo-6pm:
Royal v Chiefs, (Chatsworth).