UQINISIWE idolo umdlali weRoyal AM, uMfundo Thikazi, osale ngaphandle esikwatini seBafana Bafana.
UThikazi, oyintandokazi yabalandeli beThwihli Thwahla, ngomunye wabadlali obekubhekwe ukuthi bazoyithola indawo esikwatini somqeqeshi uHugo Broos esimenyezelwe ngesonto eledlule. IBafana izodlala imidlalo emibili yokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) neLiberia ngoMashi 24 nangoMashi 28.
UJohn Maduka opheka iThwihli Thwahla, osanda kukhuza ibuya kuleli qembu, uthe uyazi ukuthi abaqeqeshi beBafana bambhekile uThikazi.
"Ngicabanga ukuthi siyeza isikhathi sakhe. Abaqeqeshi basithathile isinqumo. Nginesiqiniseko sokuthi isinqumo basithathe besisusela kulokho abakubonile. Ngiyakholwa wukuthi uzolithola ithuba. Usemncane. Nginesiqiniseko sokuthi abaqeqeshi beqembu lesizwe bambhekile. Ngikhumbula sidlala eChatsworth, ngababona abaqeqeshi bezobuka.
“Ngakho babhekile. Sekusezandleni zomdlali ukuthi abambe umgqigqo ngoba abaqeqeshi beqembu lesizwe ngeke bakuqoke ngenxa yokudlala kahle emdlalweni owodwa. Bayabheka ukuthi wenza kahle yini nakweminye imidlalo? Kufanele udlale kahle njalo," kusho uMaduka.
Selokhu kubuye uMaduka, iThwihli Thwahla ikhombisa ukuvuka emaqandeni futhi abadlali babukeka bejabule. Ngaphansi kobuholi bakhe, iqembu aliyazi induku emidlalweni eyisihlanu. Kule midlalo kukhona neyeNedbank Cup Last 32 noLast 16. I-AM izobhekena neKaizer Chiefs kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
"Ngesikhathi ngibuya ngibheke ukuthi kukhona izinto iqembu elishoda ngazo okufanele zilungiswe. Enye yazo wukuba qatha kwabadlali, ukubazi abadlali esinabo nokukholelwa kubona. Sizama ukwenza isiqiniseko sokuthi badlala ngendlela ehambisana nabo. Uma benza kanjalo, bazosinika imiphumela esiyidingayo. Asikafiki ezingeni esifuna ukuba kulona kodwa konke kuhamba kahle.
“Sizama ukubamba umgqigqo. Uma ubheka emuva, ubungekho umgqigqo kodwa bheka manje usukhona. Okunye esikwenzile wukungasishintshi njalo isikimu. Uma umdlali efanelwe wukudlala isizini yonke, kufanele kube njalo. Kufanele kubenzima komunye umdlali ukungena esikimini. Ofanelwe wukudlala kufanele adlale ngaphandle uma elimele noma ekhombisa izimpawu zokukhathala. Umbango wejezi kufanele ushube," kusho uMaduka.