UMDLALI weMamelodi Sundowns, uSiyabonga Mabena, ukhumbuze abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika ngegama likaMkhanyiseli Siwahla, engena nezakhe emabhukwini ajulile omlando kwiPremier Soccer League (PSL).
UMabena (16), lokhu ukwenze ngegoli alishayele iSundowns inqoba ngo 3-1 kwiStellenbosch FC koweDStv Premiership eTswane ngoLwesithathu.
Ngaleli goli uMabena ube ngumdlali osemncane ukubedlula bonke emlandweni wePSL emidlalweni yeligi ukushaya igoli.
Imininingwane yokuzalwa wakhe ikhomba ukuthi ngoLwesithathu ubeneminyaka engu-16, izinyanga eziyisikhombisa nezinsuku eziyisishiyagalolunye.
Ngalokhu udlule uThulani Ngcepe, obephethe irekhodi lokuba ngumshayi wegoli osemncane ukubedlula bonke ukushaya igoli emdlalweni weligi ngaphansi kwePSL.
UNgcepe yena wayeneminyaka engu-16, zinyanga ezingu-11 nezinsuku ezingu-21 ngoJanuwari 2007 eshayela iMoroka Swallows igoli emdlalweni weligi ibhekene neSilver Stars.
Wayeqala ngqa ukudlala ibhola elikhulu. NgelikaSiwahla igama elidide abaningi ngerekhodi eliwele kuMabena.
USiwahla ubeneminyaka engu-15 eshayela i-Ajax Cape Town igoli emqhudelwaneni ongaphansi kwePSL.
Eqinisweni uSiwahla usaliphethe irekhodi, uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano ngaphansi kwePSL kodwa okubehlukanisa noMabena wukuthi yena ulishaye kwi-2004 Absa Cup.
I-ABSA Cup isiyaziwa ngeNedbank Cup manje. Lokhu kusho ukuthi uSiwahla ungumdlali osemncane ukubedlula bonke ukushaya igoli kwiPSL, emidlalweni yemikhumulajezi.
Abagcizelela lokhu bazozibeka engozini yokuziqhatha nomqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, obhobokile phakathi neSonto ngenkuthalo yokukhulunyelwa phansi kwamarekhodi ezakhe.
IGoli likaMabena, lishaye isipikili ekutheni iSundowns iphule irekhodi leKaizer Chiefs eyalibeka ngo-2005, lokungehlulwa emidlalweni yeligi engu-31 ilandelana.
Emidlalweni engu-32 yeligi ilandelana, iSundowns isinqobe engu-26 yase idlala ngokulingana kweyisithupha.
Kuwo belu umdlalo wangoLwesithathu, iSundowns ifice elinye irekhodi leChiefs lokunqoba yonke yosishiyagalombili imidlalo yokuqala yesizini ilandelana.