Orlando Pirates (2) 2
Chippa United (0) 0
I-ORLANDO Pirates iqhubekile nomgqigqo wayo wokuvulela isibhaxu yenyusa namathuba ayo okuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ishaya iChippa United emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ebusuku.
Lo bekungumdlalo wempindamshaye kwazise la maqembu abesehlangana okwesibili ngemuva kwezinsuku ezintathu. IPirates iguqise iChippa ngo 3-1 emdlalweni wowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo odlule, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Amagoli enqobe ngawo iPirates kulona weligi avalelwe phakathi wuTshegofatso Mabasa ngesiwombe sokuqala.
UMabasa ongalibheki ipali kulezi zinsuku, ukushaya kwakhe amagoli amabili kulo mdlalo sekumbeke eqhulwini kubashayi magoli abahamba phambi nabasethubeni lokuhlabana ngeLesley Manyathela Golden Boot. Usezihola phambili ngamagoli angu-15 kwiPremiership, elandelwe wu-Iqraam Rayners weStellenbosch FC ngangu-14.
Ukuthola kweZimnyama amaphuzu amathathu kulo mdlalo kuzisisize njengoba zilinciphise laba linye igebe phakathi kwazo neStellenbosch FC esendaweni yesibili. Okudala lokhu wukuthi iStellies ihlulekile ukunqoba AmaZulu kowayo umdlalo weligi ogcine uphele ngo 0-0 eDanie Craven Stadium.
IPirates isheshe yakhombisa ukuthi izimisele ngokushesha ithole igoli, ihlasele zisuka ifaka ingcindezi kwiChippa.
Nakuba kuyithathe isikhathi ukuthola igoli iPirates kodwa ilithole ngomzuzu ka-35 uMabasa eqedela kalula ebhola ebeligotshwe wuThabiso Monyane.
Kuphele imizuzu embalwa iPirates yathola elinye ithuba legoli lesibili u-Innocent Maela ethi ugoba ibhola eqhamuka ngasophondweni lwesokudla ibhola lashaya esandleni kuBaraka Majogoro weChippa engaphakathi ebhokisini, kwadaleka iphenathi ebe seyivalelwa phakathi wuMabasa kwaba ngu 2-0.
IPirates beyiye kulo mdlalo imagange ngokuqhubeka nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu nokushisa umbango kwiStellenbosch. Emidlalweni emihlanu yeligi yakamuva, eZimnyama ziyinqobe yonke.
Ngakho ukwehluleka kweStellies ukubuya namaphuzu ibambana naMaZulu FC kulivale kakhulu igebe phakathi kwayo neZimnyama njengoba la maqembu esehlukaniswe yiphuzu elilodwa kuphela.
Njengamanje iStellies esendaweni yesibili kwi-log inamaphuzu angu-50 emidlalweni engu-27, eZimnyama zinamaphuzu angu-49 emidlalweni elinganayo.
Ngakho kubukeka kuzoba ngukhethukhethi emidlalweni emithathu esalele la maqembu, ukuthi yiliphi elizogcina lijoyine iMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
EZimyama ezizobuyela ensimini ngomunye umdlalo wasekhaya neRichards Bay FC, ngoMgqibelo, zisalelwe ngeminye imidlalo emqoka okubalwa kuwo oweTS Galaxy ekuhambeni, neSupersport United ekhaya kowokusonga isizini ngoMeyi 25.