IMOROKA Swallows ixaxambe yanyukela endaweni yesithathu kwi-log iguqisa AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
ISwallows beyize kulo mdlalo ivele hambela phezulu ngemuva kokushaya iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni wayo ebigcine ukuwudlala, kanti AmaZulu abeze kulo mdlalo emagange ngokulwela ukugcina umgqigqo wawo ebuya ekudlaleni ngokulingana ngo 0-0 nePolokwane City ngoMsombuluko. Ngaphambi kwalokho abenqobe imidlalo emibili ilandelana evulela isibhaxu kwiTS Galaxy neCape Town City.
ISwallows yiyona ecishe yathola igoli kuqala sezibheke ekhefini ngenkathi ibhola ebelingqomfwe wuTshegofatso Mabasa, livinjwa wunozinti uVeli Motha selibaliwe.
Nokho, ukwehluleka kweSwallows ukushaya igoli kuqala kwenze AmaZulu abuya ngesivuthevuthe sekusele kancane kukhale impempe ezikhombe ekhefini, ngenkathi ibhola ebelishaywe u-Andile Jali esusa umhlola ekhaya, liwela ezinyaweni zika-Ethan Brooks odedele inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi walizwa ngendaba uDaniel Akpeyo ngomzuzu ka-45 zaya ekhefini kungu 1-0 kuhamba phambili AmaZulu.
Kulo mdlalo obekuqhuma isicathulo nxa zombili nobekwenza kubekhona ukuhluthuka kwezinhliziyo kubadlali, kuholele ekutheni unompempe obephethe umdlalo uMoses Kheswa agcine ekhiphe amakhadi aphuzi ayisithupha, okungamane kwiSwallows namabili kuMaZulu. Wagcina ebhansele AmaZulu ngelibomvu elitholwe wu-Abbubaker Mobara ongqubuze ngekhanda uKeenan Phillips weSwallows ngomzuzu ka-57 ngesiwombe sesibili. Ukuphuma kukaMobara kuwashodisile AmaZulu, futhi iSwallows yacindezela kakhulu kunakuqala. Ukucindezela kwayo kuholele ekutholeni kwayo igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-70 ngekhanda likaTshegofatso Mabasa ongqomfele phakatnhi ibhola ebeligotshwe wuKwanda Mngonyama engaphandle kwebhokisi.
UMabasa ovutha uphondo kulezi zinsuku, uphinde wabuya nelesibili ngomzuzu ka-75 nokuyilona iSwallows egcine inqoba ngalo ngemuva kwebhola ebeligotshwe wuBongani Sam.
Leli besekuyigoli lesithupha likaMabasa osefomini eyisimanga, nosekumenza ahambe phambili njengamanje ngamagoli kwiDStv Premiership, elandelwa wuRibeiro Costa weMamelodi Sundowns ngamahlanu.
Yize AmaZulu abeselandela ngemuva, kodwa abengazibekile phansi, ehlasela ehlaselile, kuvalwe amehlo. Empeleni acishe alithola elokulinganisa ngomzuzu ka-87, isitobha seSwallows sisusa umhlola ekhaya selimdlile unozinti uDaniel Akpeyi.
Kulo mdlalo kubonakale okokuqala umdlali wasesiswini obolekiswe oSuthwini esuka kwi-Orlando Pirates, uBen Motshwari, ongene endaweni kaCelimpilo Ngema ngesiwombe sesibili.
USuthu ohlehlele endaweni yesishiyagalombili, luyoze lubuyele ensimini ngo-Okthoba 28 ngokubhekana neChippa United, ngenxa yokuhlehliswa komdlalo walo obekumele liwudlale ngoLwesithathu ne-Orlando Pirates ezobe ilungiselela ukudlala owamanqamu weMTN 8 neSundowns ngoMgqibelo.
Kanti iZinyoni ezindizela phezulu kulezi zinsuku, zizobuyela ensimini ngomunye umdlalo wasekhaya ezizowudlala neChippa United, eDobsonville Stadium, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.