ISITHANDWA sabalandeli be-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, sifisa abalandeli baphume ngobuningi ukuzobuka bukhoma umdlalo wabo wabakhaya baseSoweto neKaizer Chiefs ngempelasonto.
La maqembu angayiqalanga kahle iDStv Premiership, azotholana phezulu koweligi ngoMgqibelo, eFNB Stadium, ngo-3.30 ntambama.
ULorch uqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi iPirates inqoba okokuqala kwiligi emidlalweni emihlanu, ihlula iSekhukhune United ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili. Inqobe ngegoli likaThabiso Monyane elingene umdlalo usuya ngasekupheleni.
Ngaphambi kwalokhu, eZimnyama bese zilahle amaphuzu ayishumi emidlalweni emine edlule ngenxa yokunganqobi.
Ebuzwa ngabakwaSuperSport ngokungalindelwa kowomkhaya, uLorch uthe: "Akukho engingakuthembisa abalandeli ngaphandle kokuthi iPirates izowafaka wonke amandla enawo kulo mdlalo ngenhloso yokubuyela ekhaya namaphuzu agcwele ngakho-ke abeze enkundleni ngobuningi babo ngoba siyabadinga."
ULorch obese kunesikhathi eside enyamalele, uyintandokazi yabalandeli beZimnyama. Ukumthanda kwabo bakukhombise emidlalweni emibili edlule yeCarling Black Label Knockout bemvotela njengomdlali ovelele, wathola uR200 000 emidlalweni emibili.
IPirates imelwe umqansa wokuqhubeka koweChiefs ukucoboshisa kwasani oluphambi kwayo kwiDStv Premiership uma kuzoya ngokwesifiso somqeqeshi wayo, uJose Riveiro.
Ngemuva komdlalo we-United, uRiveiro uthe ukholelwa ekutheni sebenethuba lokufaka amahhanisi kwiligi njengoba sebephume kwiCaf Champions League neCarling Knockout.
Isakwazi ukuqoqa amaphuzu awu-12 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Ngokomlando womdllao wobakhaya, ifomu la maqembu asuke ekuyona ngaphambi kwawo, ayisho lutho okwenza nalo olandelayo ulindelwe ngabomvu yize womabili edonsa kanzima kusukela kuqale isizini.
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo weSekhukhune United, uRiveiro, uthe nakuba engafuni ukuvuma kodwa uyakwamukela ukuthi ukuphuma kule miqhudelwano yomibili, kubanika ithuba lokuwafaka wonke amahhanisi kwiligi aphupha ngokuyiwina.
Le nkulumo kaRiveiro izitolika ngokuthi iPirates kumele ingasawudedela kowabakhaya umgqigqo wokungabambeki ukuze bezonombela baze bafike embangweni wesicoco.
Njengamanje isele ngamaphuzu awu-12 kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.
"Siphoqelekile ukwamukela isimo sethu bese sizama ukulungisa kulokhu esinamandla okukulungisa. Kuliqiniso ukuthi sisele neligi neNedbank Cup kwisizini yethu ingakho kusemqoka ukuwafaka wonke amandla kule miqhudelwano esele.
"Ngiyazi kwabanye eyeCaf iyona emikhulu kodwa kimina ukudla isicoco seligi lapho ubhekana khona nawo wonke amanye amaqembu ekhaya nasekuhambeni yikhona engiphupha ngakho.
"Ukuphuma kwethu kule miqhudelwano edlule kusishayile ezinhliziyweni kodwa sinethuba lokusebenzisa lobo buhlungu ukuqala umgqigqo ongabambeki kwiligi ukuze sizosondela ephusheni lethu lokuqukula nePirates isicoco seligi," kuqhuba uRiveiro kwabezindaba.
Ngesikhathi ebuzwa ngqo ngomdlalo wabakhaya kwiSuperSport uthe: "Indlela esithwale kanzima ngayo kule midlalo edlule, angikasiboni isidingo sokuthi mina nabadlali bami sicabange ngeChiefs kepha leli ithuba lethu lokujabulela amaphuzu esingasawazi."