USEPHENDUKE umgijimi umdlali webhola, u-Abednigo Mosiatlhaga, osathungatha iqembu kwiDStv Premiership.
UMosiatlhaga (29) ngomunye wabadlali abachithwe yiSekhukhune United ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024 abathwele kanzima ukuthola amaqembu kwiPremier Soccer League (PSL).
Kubadlali axoshwe nabo, kukhona uPhilani Zulu, Nkanyiso Madonsela noBrandon Perusnath okhule kwiLamontville Golden Arrows.
UMosiatlhaga usenqume ukuzigcina eqatha ngokugijima imijaho. Ngempelasonto edlule ubeyingxenye yezinkulungwane ezigijime iSanlam Cape Town Marathon 10km eKapa.
"Ngiyaziqeqesha nabanye abadlali bebhola, ikakhulukazi emidlalweni yabayisihlanu eqenjini ngalinye. Umkami ungimemile ukuthi ngizame ukusubatha ngoba usebenza khona kwaSanlam.
Bekungewona umbono wami. Kodwa ngikuthokozele kakhulu ukugijima. Ngizoqhubeka nakho ngize ngithole iqembu. U-10km ukahle. Kade ngitshela abanye abadlali ukuthi kuhle ukuzilolonga ngawo. Ngisho enkundleni bambalwa abawugijimayo," kusho uMosiatlhaga.
Lo mdlali oyibamba ezinhlangothini, uzithola engenaqembu nje, ngamasizini adlule ubengomunye wabadlali abebethembisa eMzansi kusukela esadlala enkulisa yeBidvest Wits.
Usize iStellenbosch yanyukela kwiPremiership ngesizini ka-2018/2019, wahluleka ekugcineni ne-Ajax Cape Town ngesizini elandelayo.
Uthe utshelwe yiSekhukhune ukuthi sekufanele kuqale amalungiselo esizini entsha ukuthi iyanqanyulwa inkontileka yakhe.
"Ngithintwe nguDerwin Farmer engazisa ukuthi usethole umyalezo omazisa ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe. Ngokuhamba kwesikhathi nakimina ingenile, bengitshela ukuthi inkontileka yami izonqanyulwa. Kungithathe isikhathi ukuxazulula indaba yemali abebefuna ukunginika yona ebengingayivumi.
“Empeleni le nto ixazululeke ngenyanga edlule. Amaqembu amaningi abekade eseqedile ukusayinisa abadlali abadingayo. Akhona amaqembu abengifuna kodwa ngiwamisile ngoba ngisazama ukuxazulula le nkinga.
Ngiyajabula ukuthi ngigcine ngikutholile okungifanele. Ngiyaqala ukubhekana nesimo esinje sokuswela iqembu," kusho uMosiatlhaga.
Uqhube wathi okumphathe kabi wukuthi iqembu belimkhomba kumqeqeshi uBrandon Truter uma ebuza isizathu esiholele ekutheni inqanyulwe inkontileka yakhe.
“Abasehhovisi bangikhombe kumqeqeshi njengomuntu othathe isinqumo ngekusasa lami. Kodwa nginobudlelwano obuhle naye.
Ukuphikile ukuthi kukhona akwaziyo ngokuchithwa kwami. Konke sengikudlulisile. Sengibheke ukuthola elinye iqembu ngiqhubekele phambili,” kusho uMosiatlhaga.