UZIBONA esesimweni esifanayo nabanye abaqeqeshi obambe izintambo kwiChippa United, uKurt Lentjies, yize leli qembu lidume ngokushintsha abaqeqeshi selokhu lafika ebholeni elikhokhelayo ngo-2012.
ULentjies ukhuze ibuya ngenyanga edlule ezolekelela obengumqeqeshi uMorgan Mammila, agcine esethathe indawo yakhe ngemva kokuthi ekhonjwe indlela ekupheleni kukaFebhuwari.
Sekungokwesibili eliqeqesha iqembu njengoba evale isikhala sikaGavin Hunt ngoNovemba 2021.
Ngesizini yakhe yokuqala ulihlengile iqembu ezembeni kodwa lokho akumsizanga ukuthi agcine umsebenzi wakhe, othathwe nguDaine Klate ekuqaleni kwale sizini.
Uthe wamukeleke kahle eqenjini futhi uyakuqonda okufunwa wusihlalo weqembu, uSiviwe “Chippa” Mpengesi.
“Akuwona umsebenzi oxakayo (ukusebenza kwiChippa). Angu-16 amaqembu kwiligi kodwa ingcindezi iyafana noma ungasebenza kuliphi.
Okwami wukufeza umbandela engiwubekelwe yiqembu. Angibheki ukuthi ngubani umqashi wami kodwa ngibheka ukuthi yini engingayenza,” kusho uLentjies kwabezindaba ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu azodlala kuma-quartertfinal eNedbank Cup.
"Sibe nezingxoxo ezijwayelekile nomphathi. Iqembu ngelakhe futhi nguyena onqumayo ukuthi ufuna ukwenzani ngalo. Ngeke ngisho ukuthi ubengeneme ngengikwenzile phambilini ngoba ngikwazile ukuhlenga iqembu ezembeni. Ufana nobaba kimina, ngiyindodana yakhe, ngakho siyazwana.
“Ngamukeleke kahle eqenjini. Kuyafana nokuthi ngiyingxenye yefenisha kwiChippa ngoba isiphelile iminyaka emihlanu ngikuyona. Izinto zithe ukuhluka ngoba abadlali abasafani kodwa sitholana kahle.
"Abadlali bayaluqonda uhlobo lwebhola engifuna baludlale. Sekusele ukuthi sithole imiphumela emihle. Ngikholwa wukuthi kufanele siye phambili futhi nosihlalo uyakuqonda lokho."
ULentjies udlale kwiChippa kusukela ngo-2017 waze wawaphanyeka emgibeni amakhokho ngo-2021. Wayekhona eqenjini leChilli Boys elaguqiswa yiTshakuma Tsha Madivhandila kowamanqamu weNedbank Cup ngo-2021.
Sebefinyelele kuma-quarter-final alo mqhudelwano kule sizini lapho bezobhekana khona neSekhukhune United ngenyanga ezayo.
KwiDStv Premiership basendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-22. Bayishiya ngamabili iMarumo Gallants esemsileni, basele ngamane kuMaZulu FC asendaweni yesishiyagalombili.
“Yize sisalwela isicoco somkhumulajezi kodwa neligi isabalulekile. Kimina yonke imidlalo ibalulekile. Siyafuna ukudlulela esigabeni esilandelayo (kwiNedbank Cup) futhi sifuna nokuthola amaphuzu kwiligi,” uchaze kanje uLentjies.
"Sesike safinyelela kowamanqamu weNedbank Cup phambilini, ngakho ithemba lokwenza kahle liyohlezi likhona. Kusekude ukuthi sibhekane neSekhukhune kwiNedbank kodwa vele sidlala nabo koweligi ekuhambeni kule mpelasonto. Wumdlalo obaluleke kakhulu kithina esiwubheke ngabomvu.
"Sibhekane nesimo esicishe sifane ngesizini edlule, silwela ukuhlala esigabeni esiphezulu kodwa kuhlukile kancane kule sizini. Uma singadlala kahle futhi sithole amaphuzu sisengakwazi ukungena kwi-Top 8."
IChippa neSekhukhune bazotholana ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.