UMQEQESHI weMagesi FC, uClinton Larsen, uthi umagange ngokulandela ezinyathelweni zabaqeqeshi baKwaZulu-Natal asebeke bahola ngempumelelo amaqembu eFirst Division ekukhushulelweni esigabeni sePremiership eminyakeni edlule.
ULarsen usho kanjena nje, ezakhe yizona ezisaqhwakele phezulu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship (First Division) ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisithupha futhi yixona kuphela ezingakehlulwa, zilandelwe yi-Orbit College endaweni yesibili ngamaphuzu angu-13.
Leli qembu laseLimpopo libuye nephuzu ekuhambeni libambana ngo 1-1 neMilford FC, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibili.
Eminyakeni edlule abaqeqeshi baKwaZulu-Natal, bahole ngempumelelo amaqembu eFirst Division ekukhushulelweni esigabeni sePremiership.
UMlungisi “Professor” Ngubane wahola ngempumelelo iChippa United ikhushulelwa okokuqala kwiPremiership isuka kwiFirst Division ngesizini ka-2011/12, yadla umhlanganiso kumaPlay-Offs.
URoger Sikhakhane wakhuphulela iThanda Royal Zulu kwiPremiership ngesizini ka-2016/17, ngaphambi kokudayisela AmaZulu FC isitifiketi sokudlala kwePremiership.
Ngesizini ka-2021/22 uPitso Dladla uhole iRichards Bay FC ngempumelelo esigabeni seChampionship ikhushulelwa kwiDStv Premiership.
“Yize nginamava okuqeqesha esigabeni sePremiership futhi sengike nganqoba nesicoco (seTelkom Knockout ngo-2012), kodwa njengoba manje ngiqeqesha kulesi sigaba seMotsepe Championship, nginesifiso esikhulu sokufaka iqembu lakulesi sigaba kwiPremiership, njengoba benzile abaqeqeshi bakithi eKZN uPitso Dladla noRonnie Gabriel nabanye.
“Khona ngiyaqonda ukuthi ngeke kube yinto elula kodwa uma singagcina lo mgqigqo esisaqale ngawo isizini, kuze kube sekugcineni, singagcina sifezekile lesi sifiso sami.
“Ngicabanga ukuthi amava abadlali esinabo abanjengo-Elvis Chipezeze, Samuel Darpoh, Motsie Matima, Diamonda Thopola, Vusi Wana, azoselekelela kakhulu embhidlangweni wethu wokulwela isicoco seligi,” kusho uLarsen.
Leli qembu libuyela ensimini ngomunye umdlalo osemqoka neJDR Stars, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Orbit College v Marumo Gallants (Soshanguve Giant Stadium)
Ngo-3.30pm:
Casric Stars v Milford FC (Giyani Stadium); Platinum City Rovers v Maritzburg United (Isak Steyl Stadium); Magesi FC v JDR Stars (Old Peter Mokaba Stadium); Upington City v Pretoria Callies (Windhoek Draught Park)
Kusasa:
Ngo-3.30pm:
University of Pretoria v Black Leopards (Tuks Stadium); Venda v Baroka FC (Malamulele Stadium)