ISITOBHA seKaizer Chiefs, uZitha Kwinika, siyameseka unozinti waleli qembu osenuka iqaqa kubalandeli ngenxa yokwenza amaphutha.
IChiefs ikhishwe yiMamelodi Sundowns kwiMTN8 ngempelasonto edlule emuva kokwehlulwa ngo 1-0 kowomlenze wesibili. Abanye abalandeli bagxeke unozinti uBrandon Peterson owenze iphutha. Kuthe kusanda kuqala umdlalo wakhahlela ibhola lavinjwa nguPeter Shalulile ogcine eliqobele phakathi. Nangenyanga edlule kukhalwe ngaye lo nozinti ngesikhathi iChiefs idliwa yiSundowns koweligi. Amaphutha kaPeterson emidlalweni adlule aholele ekutheni abalandeli bafune kubuye u-Itumeleng Khune ezintini.
UKhune ubevimbile bedliwa iSuperSport United koweligi, kwabuyiswa uPeterson koweMTN8.
UKwinika uthe uyamethemba uPeterson nakuba enza amaphutha. Ubekhuluma esithangamini nabezindaba eMabhida izolo.
"UBrandon uyakwazi ukumelana nezimo. Ukhulile. Ngiyamethemba noma yinini. Uma ungabuyela emuva ubheke amabhola awavimbile emidlalweni edlule., kusho ukuthi singagxila kulokho kuphela. Ukhombisa ukuthi uyakwazi ukuvimba, usesitakule kaningi. Ngisho ungabuyela emdlalweni neSundowns, angazi mangaki amabhola awavimbile. Kodwa ke ibhola noma impilo iyimpilo, kuyohlala kunalelo phutha elilodwa olenzayo, abantu bakwahlulele ngalo. Ngokumazi kwami nohlobo lomuntu awuyena, usekulungele ukudlala futhi. Uma singamfaka futhi usekulungele," kusho uKwinika.
Inkulumo yalesi sitobha esikhulele kwiChiefs, yenanelwe nguGeorge Matlou oyibamba esiswini
"UBrandon uyazethemba. Uma ezoqala ukulalela abantu abangaphandle kuzophela. Singozakwabo, singabadlali kufanele sesekane. Uma simshiya yedwa asimsizi. Ungunozinti omuhle futhi uyazethemba," kusho uMatlou.
Namuhla iChiefs izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-7.30 ebusukku. Amakhosi anengcindezi yokuthoba izinhliziyo zabalandeli kwazise asehlulwe kabili imidlalo ilandelana.
Nokho lokhu kuzoba wumqansa kwazise Amakhosi awanawo umlando omuhle uma ebhekene neSekhukhune. UKwinika uthe kufanele bakudlulise ngokushesha okwenzeke koweMTN8.
"Ngenye yezinto okufanele sizamukele. Abafana babuzwile ubuhlungu. Kodwa siyazi ukuthi sihlale sinomsebenzi osihlalele. Kufanele siqhubekele phambili, ngeke sikwazi ukukushintsha lokho. Okwethu wukwenza kangcono, sithole imiphumela. Okufanele sikulwele manje ukuthola amaphuzu. Sizobuyela ekuwineni, " kusho uKwinika.