UVUMA eyokuphathwa yikhanda uJose Riveiro, oqeqesha i-Orlando Pirates, ngenxa yokuya ngokushuba kombango wejezi phakathi kwabadlali bakhe njengoba sebeluleme nalabo abebelimele.
Phakathi kwalabo uRiveiro athe sebeyaziqeqesha nguKermit Erasmus, Thembinkosi Lorch noVincent Pule.
Lo mqeqeshi waseSpain ukusho lokhu esithangamini nabezindaba kulandela ukunqoba kwezakhe kwiStellenbosch FC ngo 2-1 kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 ngeSonto eKapa.
Ngaphandle kweMamelodi Sundowns osekuneminyaka ikhonya kuleli, kule sizini iPirates iyona ekhombisa izimpawu zokusondela kuyona ngengcwenga yebhola elidlalayo.
Ngokusho kukaRiveiro, uma sekusondele usuku lomdlalo uyabikelwa ngoba uyazi ukuthi sekufanele aphoxe abadlali abafanelwe ukuqala imidlalo ngokubazisa ukuthi bazoba sebhentshini.
Uthe kuyamsanganisa ukuthi konke lokhu okwenziwa uZakhele Lepasa, Ndabayithethwa Ndlondlo, Deon Hotto noRelebohole Mofokeng nabanye kusukela kuqale isizini, kwenzeka ngesikhathi sebesondela ekubuyeleni eqenjini o-Erasmus (ongenile koweStellies), Lorch noPule obese kunesikhathi bengadlali ngenxa yokulimala.
IPirates ibuye kade ilandela emuva kwiStellies yanqoba ngo 2-1 wamagoli kaLepasa noHotto ngaphambi kowomlenze wesibili ngoSepthemba 24.
“Ngaphandle kokunanaza, lokhu kuwenza ubenzima umsebenzi wami ngoba ngiphoxa abadlali abangenzela konke engikucela kubona,” kusho uRiveiro.
“Ngiyaqonda ukuthi kunezikhathi lapho ibacika khona okwangempela indaba yokungadlaliswa kodwa nginenhlanhla yokuba nabadlali abakuqondayo ukuthi kwiPirates umbango wejezi unzima ngoba yiqembu elikhulu ngakho-ke kunezikhathi lapho kufanele ukwamukele khona ukuthi eminye imidlalo uzoyibuka nezihlwele,” kusho yena.
Uthe kuya ngokuya kuyajwayeleka nokho ngoba nangesizini edlule kunesikhathi lapho beke baba yimiqemane khona bonke abadlali bakhe.
“Siyajabula ukuthi nabebelimele bayabuya ukuzoshubisa umbango. Lokhu kuzosiza thina ukuthi sisheshe sifinyelele lapho sifuna ukufika khona.
“Bonke abadlali bayazi ukuthi lizovela ithuba yize lokhu kungenzi ukuthi kubelula kimina.
“Angithandi uma sekuyela ngasekupheleni kwesonto ngoba ngiyazi ukuthi izinqumo zami ngeke zibe nobulungiswa kuwona wonke umuntu.
“Ngiyabikelwa uma sekufanele ngihlale phansi ngicubungule ukuthi ngingasondela kanjani ebulungisweni ngesikimu engizosibophela.
“Kuhle ngoba nabo abadlali bayazi ukuthi njengoba bengu-32 abalungele ukudlala, singabophela isibalo esithile futhi nakhona sikubheke ngabomvu ukungawuphazamisi umgqigqo,” kuphetha uRiveiro.