UKULAHLWA yicala nokugwetshwa kwenkakha yebhola yaseBrazil, uDani Alves, kususe umsindo kubathandi bezemidlalo njengoba bese kunesikhathi eside isihlabani semidlalo esidume kangaka sagcina ukulahlwa yicala lokuhlukumeza ngokocansi.
U-Alves (40) utholwe yinkantolo yaseSpain enecala lokudlwengula owesifazane endaweni yobumnandi yaseBarcelona ngoDisemba 2022. Ugwetshwe iminyaka emine nezinyanga eziyisithupha ejele ngesonto eledlule yithimba lamajaji amathathu.
Uphinde wakhokha isamba esingu-150 000 euros (R3.1 million) njengesinxephezelo, wayalelwa ukuba angasondeli ekhaya nasemsebenzini walowo okuthiwa wamdlwengula, noma azame ukuxhumana naye nganoma iyiphi indlela kuze kudlule iminyaka eyisishiyagalolunye.
Ubevalelwe kusukela ngoJanuwari nyakenye njengoba bekusatshwa ukuthi angase abaleke angaphinde abuye ukuzobhekana necala uma ededelwa ngebheyili. Izwe adabuka kulo, iBrazil, alizikhiphi izakhamuzi zalo uma zigwetshwe kwamanye amazwe.
U-Alves, waduma kakhulu ngesikhathi egijima eqenjini laseSpain, iBarcelona, nakuba awadlalela amanye amakhulu njengeSevilla, Juventus neParis Saint-Germain. Ngesikhathi eboshwa ubedlalela iqembu laseMexico, iPumas UNAM, eyabe isinqamula inkontileka yakhe.
Ngemuva kokugwetshwa kwakhe, ummeli wakhe u-Inés Guardiola, utshele abezindaba ukuthi bahlose ukusiphikisa isinqumo senkantolo.
Umphumela wecala lika-Alves udale umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abantu abaningi bethi bebengakholwa ukuthi uzogwetshwa kwazise uyisihlabani esidumile.
Eminyakeni edlule baningi abezemidlalo abadumile abake babhekana nezinsolo ezifuze lezi kodwa amacala agcina ehoxisiwe noma angaqhubekanga ngenxa yokushoda kobufakazi nezinye izizathu.
Isihlabani sokugcina esidumile esatholwa sinecala lokudlwengula futhi sachitha isikhathi ejele kwakunguMike Tyson, owatholwa enecala lokudlwengula owesifazane ngo-1992. Wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele wadedelwa ngemva kokudonsa emithathu.
Kwenzeka okufanayo kowayengumdlali weManchester City neSunderland, u-Adam Johnson, owayengadumile kangako. Walahlwa yicala lokudlwengula ngo-2016, naye wadonsa ingxenye yesigwebo sakhe seminyaka eyisithupha.
Omunye umdlali waseBrazil, uRobinho, walahlwa yicala lokudlwengula yinkantolo yase-Italy ngo-2017 ngesigameko esenzeka esadlalela i-AC Milan ngo-2013. Iziphathimandla zase-Italy zisalwela ukuthi agqunywe ejele eBrazil njengoba imithetho yakhona ingavumi ukuthi abuyiselwe e-Italy.
Udaba luka-Alves kufanele lube yisifundo emphakathini nakuzona izihlabani zezemidlalo ukuthi nazo zingabantu futhi zilawulwa yimithetho efanayo njengazo zonke izakhamuzi. Yize zikhonzwe yiningi labantu lngenxa yomsebenzi eziwenzayo kodwa lokho akusho ukuthi ingalo yomthetho ayisoze yafinyelela kuzona.
Nalapha ekhaya bakhona abezemidlalo asebeke basolwa ngamacala okuhlukumeza ngokocansi kanye nokushaya abantu besifazane, iningi lawo laphelela emoyeni.
UThembinkosi Lorch, osanda kuthengwa yiMamelodi Sundowns kwi-Orlando Pirates, ugwetshwe iminyaka emithathu nyakenye kulandela ukulahlwa yicala lokushaya owayeyintombi yakhe. Isigwebo salengiswa, kwathiwa akakhokhe inhlawulo ka-R100 000.
Mhlawumbe uma izihlabani ezidume umhlaba wonke ziwajezela amacala azo lokho kungaba yisifundo kulaba asebephume endleleni, nalabo abebesacabanga ukuphambuka.