UKUQINISA kweKaizer Chiefs esiswini ngoSibongiseni “Ox” Mthethwa, kuzokhulula, u-Edson Castillo noYusuf Maart ukuba bazibonakalise ngokugcwele ezindaweni okuyizona abathanda ukudlala kuzona.
Lokhu kuqapheleke kukhuluma umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, esithangamini nabezindaba izolo ntambama ngamalungiselelo omdlalo wanamuhla weDStv Premiership neCape Town City ngo-7.30 ebusuku, e-FNB Stadium.
Kusukela uCastillo efikile kwiChiefs ezinyangeni ezedlule, uNtseki ulokhu elishumayele njalo elokuthi kusekuncane lokhu okubatshazwa kulo mdlali waseVenezuela.
Ukufika kukaMthethwa osayine njengoba bekuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali esuka kwiStellenbosch FC, kungase kumkhulule uCastillo osevele uyishayele amagoli amqoka iChiefs kusukela efikile, uma kuzoya ngokwenkulumo kaNtseki.
“Sikuqaphele sisamlandela uCastillo ukuthi ungcono uma edlalela eduze kwabagadli kunokuthi kube uyena ogada izitobha,” kusho uNtseki.
“Emidlalweni emine edlule besimsebenzisa la besivele simlandele ukuthi azodlala khona (eduze kwabagadli) kodwa ngaphambi kwalokho besimbophela endaweni angakhululekile ngokugcwele kuyona kodwa bekunganakeki ngoba uwuhlobo oluphambili lomdlali.
“Ukufika kukaMthethwa sekuzomkhulula ukuthi athi noma ehambile azi ukuthi ukhona osemuva kwakhe ozomvalela uma kudingeka,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UNtseki ukhulume sengathi noMaart usezosuka la ebedlala khona kodwa le ndawo ithathwe uMthethwa.
“Ngeke ngikuphike ukuthi kuyokwenzeka babe senkundleni bobathathu (uCastillo, Mthethwa noMaart), ngesikhathi esisodwa ngoba konke esikwenzayo kusuke kulandela lokhu okwenziwa umdlalo ngalelo langa.
“Kusemqoka nokho ukubonga sinconcoze kuMaart ebesimnike umsebenzi wokushayela umkhumbi weChiefs wakwenza kahle lokhu ekubeni edlala endaweni angayijwayele.”
UNtseki ukuqhakambisile nokho ukuthi uMthethwa ngeke avele afike azenzele ngoba kwiChiefs akufani nakwamanye amaqembu.
UMthethwa ubonakale okokuqala edlubhe ijezi leChiefs ngesonto eledlule bedlala neSekhukhune United eThekwini. Ungene esuka ebhentshini. Ngemuva komdlalo uNtseki ukuncomile lokhu akubone kuyena.
Ekhuluma izolo, uNtseki uthe kusemqoka ukuthi u-Ox ajwayele indlela okwenziwa ngayo izinto kuMakhosi.
“Okumqoka kunakho konke ukuthi uMthethwa afakwe kwisikompilo leChiefs kuqala ngoba usekwenye indawo manje.
“Yize esevele ekhombisile (koweSekhukhune United), ukuthi uyatholana nozakwabo abasha kodwa lokhu akusho ukuthi kukhona izigaba ezizokweqiwa. Akuyena yedwa kodwa nabadlali abafana noPule (Mmodi) noRanga (Chivaviro) bonke abasha.”
Lo mqeqeshi uphethe ngokwamukela ukuthi kwiCity babhekene neqembu elinzima ngenxa yendawo elingayijwayele elihleli kuyona.
“Sizoba nomdlalo onzima ngoba iCity iyiqembu eliqeqeshwa ngendlela kodwa eliqale ngokuthola imiphumela engagculisi.
“Siyazi ukuthi kufanele sizibambe ziqine kulo mdlalo ngoba uma singakwenzi lokho sizoba senkingeni.”