NAMANJE uSteve "Mphathi" Komphela usakholwa wukuthi ngabe wayilethela injabulo iKaizer Chiefs ukube kwaba khona ukubekezela.
Maphakathi noJuni wango-2015, iChiefs yanikeza uKomphela izintambo zokulihola iqembu.
Wayevala isikhala sikaStuart Baxter owahamba enqobele abafana baseNaturena izicoco ezimbili zeligi ngesizini ka-2012/13 nakweka-2014/15, eseNedbank Cup ngo-2012 nese-MTN8 ngo-2014.
Kwakwethenjwa ukuthi uKomphela, owayesuka kwiMaritzburg United, uzohamba ezinyathelweni zikaBaxter.
Akuhambanga njengokufisa kukaKomphela njengoba ahluleka ukunqoba neyodwa indebe ngamasizini amathathu.
Waphenduka iqaqa kwabanye abalandeli, bagcina bemhlasela njengoba kwenzeka kumqeqeshi okhona njemgamanje, eNaturena, uMolefi Ntseki.
Isehlakalo esaqapheleka esango-2018, eMoses Mabhida Stadium, ngemuva kokushaywa yiFree State Stars ngo-2-0 kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.
Waphuma enkundleni eseqashwe ngabakwasidlodlo ngenxa yabalandeli abebesho ukumudla luhlaza. Kuleso sigameko abalandeli beChiefs balimaza amakhamera eziteshi zethelevishini nenkundla. Abanye bagcine behamba amacala, bagwetshwa.
Izikhulu zakhe zagcina zithatha isinqumo sokumdedela ngawo u-2018.
Kwagcina ngaye uKomphela ukuthi aqede iminyaka yenkontileka yakhe eNaturena. Abafike emuva kwakhe bakhonjwa indlela singakafiki isikhathi.
Kulo nyaka Amakhosi ahlanganisa iminyaka eyisishiyagalolunye ehlulwa wukuphakamisa indebe.
Ngempelasonto bekungokwesithathu umqeqeshi weChiefs, uNtseki ehlaselwa ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Kulokhu abalandeli bacikwe wukukhishwa ngaMaZulu kwiCarling Black Label Knockout.
Ebuzwa uKomphela osekwiMoroka Swallows ukuthi angabaluleka athini abaqeqeshi abajijibezwa ngenxa yokuhlulwa yizinkomishi, uphendule wathi kuyena kufana nokuthi abalandeli bathela amanzi emhlane wedada uma belwa.
"Ngicabanga ukuthi abantu kabayiqondi kahle le nto yokunqoba izinkomishi. Iyodwa inkomishi ye-MTN8 ebangwa ngamaqembu ayisishiyagalombili.
Akuyena wonke umuntu ozoyinqoba. Ngesifanayo nakwi-EPL, La Liga noma kwiBundesliga.
“Kungani kuphenduka isono uma lowo mqeqeshi ehluleka ukuphakamisa leyo nkomishi? Ngesingami uma umqeqeshi engenalo uhlelo oluqondile lokwakha iqembu kodwa enqoba izinkomishi, ngimbona esenkingeni enkulu.
Mancane amathuba okuthi aphinde ayinqobe. Ngeke akwazi ukuchaza ukuthi le mpumelelo ize kanjani. Uma unohlelo oluthile owakha ngalo iqembu kodwa unganqobi, ngibona lowo mqeqeshi eyibambe ngakho.
Ekugcineni zizogcina zivelile izithelo zokusebenza kanzima," kuchaza uKomphela.
Ube esenza isibonelo ngesikhathi esasebenza kwiChiefs.
"Kusukela ku-2015/16 kuya ku-2017/18, ngesizini ngayinye besishaywa yimidlalo eyisithupha kuphela. Into eyasibulala kwaba wukuba nemidlalo eminingi esayidlala ngokulingana. Omunye umuntu wayebona ukuthi ikhona into eyakhiwayo.
Uma kungabekezelwa ingagcina ichofekile inkinobho yempumelelo. Ngenxa yokuhluleka ukubekezela kwagcina kufinyelelwe ekutheni kuthiwe hhayi suka le nto ayihlangani, asiyiyeke.
Ngikholelwa ekutheni ukube nganikwa ithuba elanele ngabe kukhona okuhle okwenzeka. Abaqeqeshi abasenkingeni yokuhlaselwa, ngingabaluleka ngokuthi ababe nohlelo oluqondile abazosebenzela phezu kwalo. Abangakunaki okwenzekayo, ekugcineni kuzohlangana.“
Uthe kumele basike iphethini kuPitso Mosimane.
"Sonke siyazi ukuthi iSundowsns idlule kubuphi ubunzima ngaphambi kwale mpumelelo. Kuphele isikhathi eside ikhanda lo mshini eyiwo namhlanje.
Sonke sinomona ngalokhu. Kunzima ukuyishaya. Konke kuqalwe nguMosimane. Wathola ukwesekwa nhlangothi zonke.“