UKUQASHWA kukaVincent Kompany njengomqeqeshi weBayern Munich yaseGermany, cishe izingqapheli eziningi nabathandi bebhola jikelele bangakufanisa nokuphonswa kwakhe emphandwini wezingonyama ngenxa yokungabi namagalelo atheni ekuqeqesheni.
UKompany (38) ubeqeqesha iBurnley ngesizini edlule ngenkathi igawulwa yizembe kwi-English Premier League, ngesizini yayo yokuqala isuka kwi-English Football League Championship. Yingakho kumangaze abaningi ukuqokwa kwakhe kwesokuqeqesha izingqungqulu zaseGermany, iBayern Munich.
Empeleni iBayern ehlukane noThomas Tuchel ekupheleni kwesizini edlule, iqasha uKompany nje beyisha amashushu ngabaqeqeshi okubalwa kubo uXabi Alonso, uJulian Nagelsmann no-Oliver Glasner.
U-Alonso wenze ezibukwayo kwiBayer Leverkusen ngesizini edlule eyinqobela isicoco seligi i-German Bundesliga okokuqala emlandweni, wabuye wayinqobela indebe yomkhumulajezi, i-DFB-Pokal.
UNagelsmann njengamanje oqeqesha iqembu lesizwe laseGermany, ubesuka kuyona iBayern ayishiye maphakathi nesizini ka-2023/24, kanti uGlasner uqeqesha iCrystal Palace.
Nokho, abaphathi beBayern kubukeka bebethemba ubuholi bukaKompany owayeyisiqongqwane somdlali wasemuva ngezikhathi zakhe kwiManchester City, eminyakeni edlule.
Ngesikhathi ethulwa uKompany ngoJuni, yisikhulu esiphezulu kwiBayern uMax Eberl, washo ngaphandle kokungabaza ukuthi umfanele umsebenzi wokuqeqesha iqembu lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
“Sicabanga ngendlela efanayo ngesitayela sokudlala, ngakho sijabule ngempela ngokuthola isixazululo. Siwulungele umfutho omusha nesitayela esisha, sifuna ukukwazi ukugcina ibhola, kube yithina esiphethe umdlalo. Ngakho-ke (uKompany) uyilolo hlobo lomqeqeshi olukwaziyo ukudlalisa lelo bhola,” kuchaza u-Eberl, ecashunwa yi-Bundesliga.com.
UKompany wacashunwa ethi:“Ngiyilangazelele inselelo kwiFC Bayern. Kusho lukhulu kimina ukunikwa ithuba lokusebenzela leli qembu. IBayern iyisikhungo esikhulu ebholeni lomhlaba, ngakho njengomqeqeshi kufanele ukumele okholelwa kukhona. Ngiyathanda ukuthi siyiqembu silidlale ibhola, sibe nobuciko kodwa siyifake nendluzula ezitheni zethu esibhekene nazo enkundleni. Ngikulungele ukusebenza nabadlali, ngakhe iqembu. Uma sikhona isisekelo eqenjini, impumelelo ibakhona.“
UKompany ubhekene nenselelo yokubuyisa isithunzi seBayern eyaziwa kakhulu ngokunqoba izicoco, njengoba ike yakhonya amasizini angu-11 idla izicoco zeligi yeBundesliga amasizini elandelana.
Nokho, ngesizini edlule ukukhonya kwalezi zingqungqulu kuqedwe yizimbangi i-Leverkusen, nokwenza kubhekwe ngabomvu ukuthi ngabe kule sizini iBayern izokwazi yini ukubuyisa isithunzi sayo ngaphansi kobuholi bukaKompany?