XOLILE MPISANE
UHLOMULE ngendondo enkulu kuma-SA Rugby Awards ukapteni wamaBhokobhok, uSiya Kolisi, oqokwe njengomdlali ovelele ngo-2021.
Inhlangano eyengamele umdlalo wombhoxo, iSA Rugby, ikhiphe uhlu lwabanqobile emakhasini ayo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesine ekuseni.
Omunye umdlali weCell C Sharks, u-Aphelele Fassi, naye uthole umklomelo obalulekile ngesikhathi eqokwa njengomdlali omncane ovelele.
UKolisi unqobe kunzima njengoba le ndondo ebeyibanga nozakwabo bamaBhokobhoko, uLukhanyo Am, Damian de Allende, Eben Etzebeth noMakazole Mapimpi, nabo abadlale kahle ngonyaka odlule.
Ungukaputeni wokuqala wamaBhokobhoko ukunqoba lo mklomelo ohamba phambili kusukela uJean de Villiers agcina ukuwunqoba ngo-2013.
U-Kolisi uyena kuphela oyidlale yonke imidlalo yamaBhokobhoko (13) ngonyaka odlule futhi ulihole ngobuqhawe iqembu ngesikhathi linqoba uchungechunge oludlalwe neBritish and Irish Lions.
UFassi udlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lamaBhokobhoko ngonyaka odlule, nakuba edlale emibili kuphela eqenjini lesizwe kodwa ukwazile ukushaya ama-try kuyo yomibili.
Yize ethwale kanzima emqhudelwaneni weRugby Championship, amaBhokobhoko aqokwe njengeqembu elivelele njengoba unyaka ewusonge ngohambo oluyimpumelelo lwase-Europe.
Kwezombhoxo wabesifazane uLusanda Dumke uqokwe njengomdlali ovelele kumaBhokobhoko waphinda wabashaya emakhanda nasemaqenjini ezifundazwe emuva kokusiza iBorder ukuthi idle isicoco seCurrie Cup esigabeni esiphezulu.
URonald Brown, oseluleme ngokugcwele emuva kokuphathwa umdlavuza, udle umhlanganiso kubadlali beqembu leSevens, iBlitzbokke, uHenco van Wyk waphuma phambili kwabadlalela iqembu elincane lamaBhokobhoko.
UJake White, ubashaye emakhanda bonke abaqeqeshi ngenxa yokuphumelela kwamaBulls ngonyaka odlule, lapho ephakamise khona indebe yeCurrie Cup kabili, aphinde athatha neyeRainbow Cup SA.
UMengameli we-SA Rugby, u-Mark Alexander, uhalalisele abanqobile futhi washayela bonke abayingxenye yombhoxo ihlombe ngokwenza unyaka u-2021 ube yimpumelelo.
“Ngithanda ukuhalalisela bonke abahlomule ngezindondo futhi ngithanda ukubonga bonke abadlali, abaqeqeshi, onompempe, izikhulu, abaxhasi nabo bonke abanye ababambe iqhaza ngokwenza u-2021 ube yimpumelelo," kusho u-Alexander.
"Kuningi okunye okuhle esikulindele kulo nyaka osanda kuqala njengoba uthembisa ukuba ngunyaka omkhulu kwezombhoxo."
Isiyonke imiklomelo ihambe kanje:
SA Rugby Player of the Year
Siya Kolisi
SA Rugby Young Player of the Year
Aphelele Fassi
Springbok Women’s Player of the Year
Lusanda Dumke
Springbok Sevens Player of the Year
Ronald Brown
Junior Springbok Player of the Year
Henco van Wyk
Team of the Year
Springboks
Coach of the Year
Jake White
Carling Currie Cup Premier Division Player of the Year
Elrigh Louw (Vodacom Bulls)
Carling Currie Cup First Division Player of the Year:
Dylan Maart (Boland Kavaliers)
Provincial Women’s Player of the Year:
Lusanda Dumke (Border Ladies)
Try of the Year:
Cheslin Kolbe (Springboks v British & Irish Lions)
Referee of the Year
Aimee Barrett-Theron