UZIMISELE ngokubuyela ezingeni elamenza esinye sezilomo zebhola kuleli ngemva kokuhlaba ikhefu elincane umdlali omusha waMaZulu FC, uBongani ‘Ben 10’ Zungu.
Lo mdlali (32) okwazi ukuyibamba esiswini nasemuva, usayiniswe Usuthu kuleli sonto. Ubesenesikhathi engenaqembu selokhu ahlukana neMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.
Ubuyele kuleli qembu laseMamelodi ngo-2022, esuka kwelaseFrance i-Amiens. Phambilini wahlala iminyaka emithathu eChloorkop, kusukela ngo-2013 kuya ku-2016, efike khona esuka kwi-University of Pretoria.
Uke wadlala nasePortugal, kwiVitoria Guimaraes ngo-2016 kuya ku-2017, wabolekiswa naseqenjini laseScotland, iRangers, ngo-2020 kuya ku-2021.
Uthe uzinike isikhathi sokuthi aqine ngokomqondo emuva kokushiya iSundowns, ukuze akhululeke ngokugcwele uma sekufike isikhathi sokuthi abuyele enkundleni.
“Ngesikhathi ngibuyela kwiSundowns kwakuyiqembu engangilijwayele, elinabantu engibaziyo kodwa ngaleso sikhathi angiboni ukuthi ngangisesimweni esihle ngokomqondo. Lokho kuyakuthinta ngoba nathi badlali bebhola singabantu. Kubalulekile ukuthi sijabule, sikhululeke emoyeni,” kusho uZungu.
“Ngingabala inqwaba yezizathu eziholele ekutheni ngingafiki ezingeni ebelilindelekile kule minyaka edlule kodwa okubaluleke kakhulu yisimo sami somqondo. Mhlawumbe yingakho ngingakwazanga ukuba uBen 10 abantu ababemazi.
“Ngiyohlale ngiyibonga iSundowns futhi nomengameli uyakwazi lokho, kodwa sengibheke inselelo entsha futhi ngijabule kakhulu. Ngathatha isinqumo sokushiya ngoba ngibona sekuyisikhathi sokuthi ngihambe futhi lokho kwakuxhumene nenjabulo yami.”
UZungu uthe isizathu sokuhlala izinyanga engadlali bekungekhona ukuthi ubeswele iqembu kodwa kukhona abesadinga ukulungisa kuyena.
“Ezinyangeni ezedlule ngikhulume namaqembu amaningi eNingizimu Afrika nangaphandle, ngathola isikhathi sokucabanga ukuthi yini ezongijabulisa. Ngesikhathi ngikhuluma nomengameli nabanye abantu balapha kuMaZulu mayelana neqembu, ngibonile ukuthi ngizokuthakasela ukuba yingxenye yalo. Ngijabule kakhulu futhi ngiyalibonga leli thuba,” kusho yena.
“Izinyanga ezimbalwa ezedlule azizange zingiphathe kabi ngoba bengingajoyina noma yiliphi iqembu, noma nini. Bengidinga isikhathi sokucabanga, ngibone ukuthi yikuphi okuzolungela mina nomndeni wami. Akhona amaqembu abenentshisekelo kodwa ngaleso sikhathi bengingakakulungeli ukubuya.
“Manje sengizimisele ukusiza AmaZulu. Ngizele ukuzosebenza nokuzama ukubuyela ekubeni nguBen 10, abantu abamaziyo. Uma ngijabule futhi ngiwumqemane ngingenza noma yini enkundleni ngoba ithalente nginalo.”
Umdlalo olandelayo waMaZulu kuzoba oweBetway Premiership neSundowns, ngoLwesibili ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.
Noma kungakacaci ukuthi uZungu uzobe esekulungele yini ukungena enkundleni kodwa uthe uzocobelela ozakwabo abasha nganoma yiluphi ulwazi analo ngeqembu lakhe lakudala, futhi ulindele umdlalo othokozisayo.
“Kuzoba wumdlalo onzima. Ngiyazi kahle iSundowns futhi ngisenabangani abaningi khona. Iqembu lethu lenza kahle. Ngaphambi kokuthi ngisayine ngiyibukile imidlalo, ngabona nebhola elilidlalayo. Ngibona sengathi kuzoba wumdlalo oheha kakhulu,” kusho yena.
“Ngokubona kwami womabili amaqembu adlala uhlobo lwebhola olucishe lufane. Kufanele sizimisele, sikhombise ukuthi amaphuzu siwafuna ukwedlula bona. Uma usebenza ngokuzikhandla ungakwazi ukumelana neqembu elifana neSundowns,” kuphetha uBen 10.