NHLAKANIPHO MNQAYI
UMAKADEBONA ebholeni lakuleli, uDaine Klate, ulibona libuyela emuva ibhola lakuleli emazingeni aphansi nokuholela ekutheni amaqembu esizwe amancane angabonwa emiqhudelwaneni yomhlaba yabadlali abasakhula.
UKlate, oqeqesha iLa Masia kwiMotsepe Foundation Championship, ukusho lokhu ekhuluma njengenxusa leBritish Football Academy yaKwaZulu-Natal esungulwe nyakenye.
Lo makadebona uthe uzokwenza ngakho konke okusemandleni ukufukula nokuthuthukisa ikhono labafana abancane njengoba naye ephuma ngaphansi kwenkulisa, iSchool of Excellence, esakhiqizela elakuleli izingwazi okubalwa kuzona uSteven Pienaar, Bernard Parker noBryce Moon, bonke abadlale emaqenjini aphesheya.
"Nginothando lokuthuthukisa abafana abancane, hhayi ngoba nami ngiqhamuka kuyona inkulisa njengoba ngaqala eSchool of Excellence. Isifiso nenhloso icacile, ukuthi siyise abadlali phesheya kwezilwandle. Lokho akuchazi ukuthi nalapha ekhaya asibabhekeli. Kuseyisiqalo okwamanje, kancane kancane sizokhula sibayise phesheya siphinde sishintshe izimpilo zabo," kusho uKlate.
Uqhube ngokuthi ukushoda koxhaso yikho okuyimbangela enkulu yokuthi kuleli kungakhiqizwa abadlali abazoyodlala phesheya kwezilwandle.
"Wonke umuntu ufuna izithelo ezinhle kodwa akekho ofuna ukuchitha isikhathi, ukufaka imali, abekho abaxhasi abaningi futhi abazihloniphi izinkulisa. Sithatha izindlela ezisheshayo isikhathi esiningi.
“Uma ubuka ukuthi sikuphi njengezwe, ubuka iqembu lethu lesizwe elincane asikho ndawo. Thina ngezikhathi zethu, ngisadlala esigabeni sabangaphansi kweminyaka engu-17, sasinqamula amazwe siye ePortugal siyodlala noCristiano Ronaldo ngo-2001 kodwa manje ngo-2024 asincintisani nalawo mazwe, asinayo imincintiswano yezifundazwe njengakuqala, kahle kahle nje sibuyele emuva,” kusho uKlate.
Njengoba esengene emkhakheni wezokuqeqesha, uthe okumjabulisayo wukuthi usethole ithuba lokupheka abadlali emazingeni ahlukene kuleli.
UKlate wanqoba izicoco eziyisithupha zeligi neSuperSport (ezintathu), ezimbili ne-Orlando Pirates nesisodwa neBidvest Wits. Uqale ukuqeqesha emazingeni aphansi kwiChippa United ngaphambi kokuthi leli qembu limnike isikhundla eqenjini elikhulu leDStv Premiership. Nokho akahlalanga isikhathi eside njengoba limkhombe indlela ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa ngo-2022/2023.
"Indlela esengiyihambile kwezokuqeqesha yinhle kakhulu. Ngisebenze nabaqeqeshi abaningi futhi ngifunde lukhulu kubo selokhu ngawabeka ethala. Isikhathi sami ngisichitha ukuthuthukisa abafana abancane, ngiqeqesha abangaphansi kweminyaka engu-12 nokuyinto enginothando lwayo kakhulu. Ukuqeqesha kwiMotsepe Foundation Championship njengamanje kunginikeza omunye umqondo ohlukile. Intsha iyikusasa, uma singaya ezigabeni eziphansi sizinike isikhathi esanele ngokuthuthukisa abaqeqeshi balapha ekhaya ngoba akusizi uma bengenalo ulwazi. Kodwa-ke ngeke ubagxeke ngoba akukho ukuxhumana okuqondile okuzobazisa uma lezi zifundo zikhona," kuphetha uKlate.