USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, umemezele izinhlelo iligi ematasa ngazo ngenhloso yokuhlonipha wonke amaqembu aseke adla izicoco ngaphansi kwale nhlangano eyengamele ibhola kusukela ngo-1971.
UKhoza ubekhuluma ngeSonto ebusuku ngesikhathi evula umcimbi we-PSL wokuklomelisa abenze kahle ngesizini ka-2022/2023.
Uveze izinhlelo abanazo zokuhlonipha ngezinkanyezi amajezi amaqembu aseke aba ngompetha.
Ngokusho kukaKhoza, iMamelodi Sundowns iyona ezoba izingqalabutho kulolu hlelo lwezinkanyezi kulandela ukudla kwayo isicoco amahlandla ayisithupha kulandelana.
“Sizosika iphethini ngohlelo lokuhlonipha amaqembu aseke aba ngompetha njengoba kwenzeka kwiGerman Bundesliga,” kusho uKhoza kulo mcimbi obukhonjiswa kwithelevishini ngeSonto ebusuku.
“Iqembu elidla isicoco seligi amahlandla amathathu lizofakelwa inkanyezi ejezini layo. Kuzoya ngokwezibalo zezicoco kodwa eziyisithupha zisho izinkanyezi ezimbili.
“Izicoco ezingu-10 zisho izinkanyezi ezintathu bese kuthi izicoco ezingu-20 zikhiphe izinkanyezi ezine,” kuchaza lo sihlalo.
Ijezi leqembu elifana nompetha be-Bundesliga, iBayern Munich, linoxhaxha lwezinkanyezi ngaphezu kwebheji lalo ezikhomba izicoco zeligi asebeke bazidla.
Ebholeni laseNingizimu Afrika inkanyezi ejezini ivamise ukumataniswa nokuhlabana kwiCaf Champions League noma i-UEFA Champions League kwamanye amazwe ase-Europe.
I-Orlando Pirates neSundowns iwona kuphela amaqembu anezinkanyezi emajezini awo ebholeni lakuleli kodwa zombili (lezo zinkanyezi) kuyaziwa ukuthi zixhumene nokuhlabana kwabo ngeCaf Champions Legaue ngo-1995 (Pirates) nango-2016 (Sundowns).
“Kusukela i-PSL ihlangane ne-National Professional Soccer League (NPSL) ngo-1996, iSundowns izokuba iqembu lokuqala ukuhlonishwa ngalolu hlobo. Ngiyanibongela Masandawana, niyizingqalabutho,” kuqhuba uKhoza.
“Sithe uma sihlala phansi nesigungu esiphezulu kwi-PSL saphuma nomqondo wokuwahlonipha wonke amaqembu aseke adla isicoco ngaphansi kwale nhlangano kusukela ngo-1971.
“Esikunqumile ukuthi wonke amaqembu aseke adla noma ngabe isiphi isicoco ngaphansi kwale nhlangano sizowakhela imifanekiso yalezo zinkomishi siwanike zona.
“Inhloso yalokhu ukuhlonipha izithukuthuku zala maqembu nokuhlobisa amakhabethe awo ezinkomishi. Kuyinhloso yethu nokuwakhuthaza ukuthi aphinde azame futhi kanti siyaqonda nokuthi uma amakhabethe esemahle ngenxa yomlando, lokhu kungaheha nezokuvakasha,” usho kanje uKhoza ethembisa ukuthi iligi izokhipha imininingwane egcwele ngalolu hlelo maduze.
Yize kungakacaci ngokuyikhona okuzokwenziwa i-PSL ngalezi zinkanyezi emajezini kodwa iSundowns (16), Kaizer Chiefs (12), Pirates (9) neSuperSport United (3) bonke asebeke baba ompetha beligi kuleli, basethubeni lokuhloba ngazo maduze, ngokwesethembiso sikaKhoza.