UMABHUTI Khenyeza ogixatshezwe ngesikhundla sokucija iLamontville Golden Arrows, uthembisa ukungashintshi izinto kuBafana Bes'thende.
UKhenyeza ubekhuluma okokuqala nabezindaba njengomqeqeshi we-Arrows ngemuva komdlalo wezakhe neStellenboch abaphume nephuzu kuwona eHammarsdale, ngemuva kokubambana ngo 0-0 ngempelasonto edlule.
Useqeqesha ngokuzimela kulandela ukushiya kukaVusumuzi Vilakazi abenaye kulesi sikhundla. UVilakazi usejoyine Chippa United njengomqhondisi wosomaqhinga. UKhenyeza unomlando omude ne-Arrows kwazise udlale kuyona izikhawu ezahlukene.
Uqale kuyona ngaphambi kokuyodlalela amaqembu ahlukene okukhona kuwona iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns. Ubuye ngo-2015, wayisiza yabuyela kwiDStv Premiership ikade isidliwe yizembe. Ngaphansi kukaKhenyeza noVilakazi ababengabagadli balelu qembu, i-Arrows iqale isizini ngegiya eliphezulu. Isendaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyisithupha.
"Iqembu linendlela yalo yokudlala. Ngizoqhubeka nendlela ebesivele senza ngayo. Akukho engizokushintsha. Kungashintsha kuphela abadlali ngokwehlukana kodwa kusazoba yibona labo badlali. Sisebenza ngendlela efanayo. Sengihlale lapha eqenjini amasizini amabili futhi iningi lezinto ebesizenza bengiyingxenye yokuzihlela. Bonke bayazi ukuthi azikho izinguquko," kusho uKhenyeza.
Umsebenzi wokuqhuba umgqigqo we-Arrows usemahlombe kaKhenyeza nephini lakhe uMusa Bilankulu. Namuhla ngo-7.30 ebusuku, kuzophinde kuvivinywe amaqhinga abo uma i-Arrows isibhekene neCape Town Spurs emdlalweni weligi e-Athlone Stadium, eKapa. KwiSpurs, uKhenyeza uzobhekana noShaun Bartlett ayegadla naye kwiChiefs, waphinda wadlala ngaphansi kwakhe esengumqeqeshi ngesikhathi bebuyisela i-Arrows kwiPremiership. ISpurs, engomakoti kwiPremiership, isahlulwe kuyona yonke imidlalo eyisihlanu esayidlalile.
"Engikhathazeka ngakho wukuqhubekela phambili kusuka emdlalweni esiwudlalile. Angigxilile kwiSpurs, ngigxile kwi-Arrows. Ngiyamhlonipha uShaun njengabo bonke abaqeqeshi njengoba sihlala senza. Ukuthi bayiwinile imidlalo yabo noma cha, yinkinga yabo leyo. Sidinga ukugxila kithina, siqhubekele phambili," kusho uKhenyeza.