KUNGAMTHOKOZISA ukusikhokha ngokudlulela emzuliswaneni olandelayo weCarling Black Label Knockout isikweleti uMabhuti Khenyeza, opheka iLamontville Golden Arrows, asizwa emahlombe kusukela befudukele enkundleni yabo yasekhaya entsha, iMpumalanga Stadium, eseHammarsdale.
I-Arrows ngelinye lamaqembu ayiqale kahle isizini ka-2023/2024 okufakazelwa ukuthi ilele isibili kwi-log yeDStv Premiership lapho isele khona ngamaphuzu amahlanu kwiMamelodi Sundowns eqhwakele.
Nakuba kubukeka kukuhle kodwa ifomu yasekhaya, kusukela beqale ukusebenzisa iMpumalanga Stadium, ayimenzi ajabule ngokugcwele uKhenyeza onikwe lo msebenzi ngokugcwele kulandela ukusula kukaVusimuzi Vilakazi abebambisene naye ekuphekweni kwaBafana Bes’thende ngesizini edlule.
I-Arrows isaphumelele ukunqoba umdlalo weligi owodwa kuphela ngo 3-2 kwiPolokwane City ekhaya layo elisha okwenza uKhenyeza azizwe enesikweletu kubalandeli babo basenkundleni yabo entsha.
NgoMgqibelo uKhenyeza uzokwamukela u-Eric Tinkler neCape Town City yakhe kule nkundla ngo-3 ntambama kowe-last 16 yeCarling Black Label Knockout.
“Ukuzibona sinethuba elingcono ngoba sidlalela ekhaya akuyona into okufanele sigcine ukuyisho ngomlomo kodwa kufanele sikukhombise lokhu ngosuku lomdlalo,” kusho uKhenyeza kwiSolezwe ngeledlule.
“Uma uyibheka kahle imidlalo yethu kuze kube yimanje, sithole impumelelo eningi sisekuhambeni. Emidlalweni edlule esiyigijimele ekhaya sikhombise kowePolokwane kuphela ukuthi siyakwazi ukusebenzisa ukuba senkundleni yethu.
“Nakuwona lo mdlalo (wePolokwane) asizange sikhombise okutheni yize sinqobile yingakho kunomuzwa wokuthi siyabakweleta abalandeli bethu abaseseka eMpumalanga Stadium.
“Kusemqoka ukuthi abadlali basebenzise lobu buhlungu esibuzwa uma sisekuhambeni ukukhuphula izinga ngemidlalo yasekhaya.
“Kungakuhle ukuqala ukwenza lokhu ngeCity yize kungeyona into ezokwenzeka ngokuthanda kwethu,” kuqhuba yena.
UKhenyeza akanankinga nokuphazanyiswa ikhefu lemidlalo yeFifa emgqigqweni abayiqale ngawo isizini.
“Asebe maningi amakhefu abekhona kusukela isizini iqalile kodwa iqembu liyaqhubeka nokudlala kahle ngakho-ke nathi (abaqeqeshi) sizoqhubeka nokuthola imidlalo yobungani ukugcina abadlali besesimweni esifanele njengoba besivele senza,” kuphetha uKhenyeza.