UMQEQESHI obuye umphathi wenkulisa yabadlali i-Stars f Africa Academy, uFarouk Khan, usemfuna kwiBafana Bafana umdlali amkhulisile uPatrick "Tito" Maswanganyi, osephenduke isilomo kwi-Orlando Pirates.
UMaswanganyi (25) waseTembisa, eGauteng, usayine kweZimnyama esuka kwiSuperSport United ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024.
Usheshe wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli ngokushaya into ecokeme ngesikhathi iPirates isekhempini eSpain. Kuthe noma sekuqala isizini wangazithambisa njengoba eqhubeka nokuba yisibani kweZimnyama.
Ngempelasonto ube wumdlali ovelele behlula iStellenbosch FC ngo 2-1 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8. Amagoli amabili ashaywe wozakwabo, uZakhele Lepasa noDeon Hotto, aqhamuke ngeminyakazo yakhe.
Leli nxele selishaye amagoli amabili, lakha amathathu kweZimnyama kule sizini.
UKhan uthe sekuyisikhathi sokuthi uMaswanganyi athole indawo eqenjini lesizwe eliqeqeshwa nguHugo Broos waseBelgium. IBafana izodlala eyobungani emibili ngenhloso yokuzicijela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba ngonyaka ozayo.
Izogadulisana neNamibia ngoMgqibelo, ilandelise ngeDemocratic Republic of Congo ngoSepthemba 12 e-Orlando Stadium, eSoweto.
"UTito sekumfanele ukudlalela iBafana Bafana. Uma ubheka abadlali esinabo eqenjini lesizwe abanjengoZwane (Themba) sebebadala. UTito uwuhlobo lomdlali okufanele angene esikwatini ukuze ezojwayela kusemanje," kusho uKhan.
UMaswanganyi uyayazi imidlalo yamazwe kwazise udlale emithathu eqenjini lesizwe lika-Under 20. Ngaphambi kokujoyina iSuperSport, uMaswanganyi udlalele amaqembu amabili asePortugal, okuyi-Oliveirense De Coimba ne-Academica.
UKhan, okhiqize abadlali okukhona kubona uTokelo Rantie, May Mahlangu, Kabelo Dlamini noLuther Singh, udalule ukuthi ngaphambi kokumdlulisela phesheya kwezilwandle uMaswanganyi, uzame ukumnikeza iMamelodi Sundowns kodwa yamshaya indiva.
"I-Sundowns yayizohlomula kakhulu ngoMaswanganyi. Ngayiqonda ngakhuluma nayo ngathi kunomfana oshisayo engifuna bambheke.
Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-19. Kodwa abazange bayisukumele indaba yakhe. Kunalokho bathatha abanye abadlali bami, okukhona uTlotlo Lepile (obedlalela iSekhukhune United). Kodwa-ke kujwayelekile lokho ukuthi abantu babafune abadlali bami uma sebebuya phesheya kwezilwandle," kusho uKhan.
"KwiPirates uMaswanganyi ungumdlali omqoka kakhulu. Ngicabanga ukuthi kade ishoda ngomdlali onjengaye, ukuze izomisa kabi iSundowns embangweni wesicoco seligi.
Ngokwami iPirates yagcina ukuba nomdlali oyilolu hlobo ngesikhathi sikaGift Leremi. Kulokhu iPirates izowushubisa wumbango," kusho uKhan.
Ngemuva kokuthi uMaswanganyi eqokwe waba ngumdlali ovelele koweStellenbosch, ekhuluma kwiSuperSport, uthe ujabule ngokwakhela ozakwabo amagoli njengoba lokho kuwumsebenzi wakhe enkundleni kodwa uyafuna naye ukuwashaya.