Banyana Banyana (0) 2
DRC (0) 0
UQHUBEKE la agcina khona emlenzeni wokuqala umgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana, ngesikhathi ebhakuzisa inethi kabili bebhekene neDemocratic Republic of Congo, emlenzeni wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela ama-Olympic angonyaka ozayo.
UKgatlana uwahlohle ngesiwombe sesibili womabili amagoli ngesikhathi iBanyana inqoba ngo 2-0 e-Orlando Stadium ngoMsombuluko ntambama.
Lo mgadli nguyena obevele eshayele iqembu lakuleli igoli lokulinganisa emlenzeni wokuqala ophele zibambene ngo 1-1 eKinshasa, ngesonto eledlule.
Ukunqoba ngo 3-1 kuchaza ukuthi iBanyana isilinde iqembu elizonqoba phakathi kweTanzania neBotswana emzuliswaneni wesithathu. La maqembu azodlala umlenze wesibili eGaborone namuhla ntambama. IBotswana izobe ibheke ukubuyisa izinduku ngemuva kokunqotshwa ngo 2-0 emlenzeni wokuqala.
Nakuba ukunqoba kweBanyana kuyisondeza nethikithi lokuyodlala kuma-Olympic azobanjelwa eParis, eFrance, ngonyaka ozayo, ikhempu iphele sekunogcobho kulandela ukuhoxa kowayengukaputeni waleli qembu uJanine van Wyk.
Ngaphambi kokuthi kumenyezelwe iqembu ebelizodlala le midlalo, inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, yakhipha isitatimende ichaza ukuthi uVan Wyk uzofakwa eqenjini njengoba esezoyeka ukudlalela iqembu lesizwe.
Bekulindeleke ukuthi athole ithuba lokudlala kuyona yomibili ukuze afinyelele emidlalweni engu-185 neBanyana, nobekuzomenza abe ngumdlali wokuqala webhola wase-Afrika ukudlala imidlalo emingaka neqembu lesizwe.
Ubezophula irekhodi lowayedlalela iqembu lesizwe lase-Egypt, u-Ahmed Hassan, owadlala imidlalo engu-184 ngaphambi kokuthi awabeke ethala amakhokho.
Ngemuva kokuthi uVan Wyk engasetshenziswa emlenzeni wokuqala, uvele wadikila wangaba esaqhubeka ekhempini yeBanyana ngaphambi komlenze wesibili.
Ubhale umlayezo emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ethi: “Angikwazi ukuchaza ubuhlungu engibuzwayo ngaphakathi. Imizuzu yokugcina ebekufanele ngiyithakasele isiphenduke imizuzu yokukhathazeka.”
Akukacaci ukuthi sekuphelile yini ngoVan Wyk neqembu lesizwe noma usazolithola ithuba lokuqopha umlando emidlalweni ezayo.