OWAYENGUMDLALI nokaputeni weKaizer Chiefs, uWillard ‘Salt and Pepper’ Katsande, uphonsele abadlali inselelo yokuthi bazinuke amakhwapha ngesimo seqembu.
UKatsande ungenye yezinkakha zeChiefs ebeziyingxenye yomcimbi wokubungaza usihlalo weqembu, uKaizer ‘Shintsha Guluva’ Motaung, obehlonishwa ngokufakwa ohlwini lweHall of Fame, yaseNingizimu Afrika. Lolu wuhlu olukhethekile lwamaqhawe akuleli zwe ahlonishwa ngokubeka induku ebandla emikhakheni ehlukene yempilo.
UKatsande owayeyinjini yeChiefs eminyakeni embalwa edlule, uphakathi kwabadlali okugcine ngabo (ngaphandle kuka-Itumeleng Khune osekhona eqenjini) ukusiza iqembu ekutheni linqobe izindebe ngesizini ka-2014/2015. Amakhosi agcina ukuphakamisa izindebe ngeligi ye-Absa Premiership (manje esiyisiDStv Premiership) neMTN 8.
Ngemuva kwaleyo sizini iziMpofana zahlaselwa yisomiso sezindebe kuze kube yimanje. Lokhu sekwenze ukuthi libapheke, libathulule abaqeqeshi kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
“Ngicabanga ukuthi abadlali abakhona njengamanje kwiChiefs badinga ukukhunjuzwa ngomlando weqembu nokuthi kusho ukuthini ngempela ukuba ngumdlali nokugqoka ijezi laleli qembu.
“Kufanele njengomdlali weqembu uzibuze ukuthi konje mina ngizinikele kangakanani ekuletheni impumelelo eqenjini? Ngiyokhunjulwa ngani ngomuso ngokuba ngumdlali weqembu?
“Into oyokhunjulwa ngayo njengenkakha yeChiefs wukuthi wasebenza ngokuzinikela wazuzela iqembu izicoco, kungabi wukuthi wake wadlalela iChiefs,’’ kusho uKatsande, ekhalima abadlali.
“Ngakho-ke kufanele abadlali beqembu kebazinuke amakhwapha, ukuthi ngabe bazinikele ngokwanele yini ekusebenzeleleni iqembu. Kwesinye isikhathi akudingeki udlale ibhola elihle ukuze uwine imidlalo.
“Yibona (abadlali) qobo lwabo okufanele bashintshe isimo seqembu, bazibuze bona besezindlini zokushintshela ukuthi ngabe benza okwanele na ukuguqula isimo seqembu ngaphambi kokuba bakhombe ngeminwe omunye umuntu oseceleni.
“Ngisho noma umqeqeshi angakwenza konke okufanele akwenze kodwa uma nabo abadlali bengazinikele, ngeke akwazi ukusiza iqembu.”
Amakhosi aseshaywe imidlalweni yeligi eyisithupha kule sizini kanti kumanje asendaweni ka-10 kwi-log, abuya esibhaxwini sika 1-0 kowomkhaya baseSoweto, bebhekene ne-Orlando Pirates ngeledlule.
Kumanje athungatha umqeqeshi onamava ngemuva kokumkhomba indlela uMolefi Ntseki abese efaka uCavin Johnson, okunguyena osabambile.
Abuyela ensimini ngomunye umdlalo womkhaya baseSoweto, lapho ezotholana phezulu neMoroka Swallows ngoNovemba 26, eDobsonville Stadium, eSoweto.