Richards Bay (2) 4
Baroka FC (0) 0
IRichards Bay FC ilivikele ngempumelelo igunya lokuqhubeka nokuba yingxenye yeDStv Premiership ngokunqoba kwiBaroka FC obekuyiwinisa imidlalo yokuhlunga ngoLwesithathu ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Zithe ziya ekhefini iBay ibisivele isebuhleni ngamagoli amabili, kaSomila Ntsundwana noSanele Barnes, okwenze abalandeli bayo abebephume ngobuningi baphufumula kangcono.
Leli qembu belingene enkundleni lidinga iphuzu ukuqinisekisa ukuthi alehleli kwiMotsepe Foundation Championship njengoba belihola imidlalo yokuhlunga ngamaphuzu amahlanu.
Esiwombeni sesibili uNtsundwana ushaye elakhe lesibili losuku ngaphambi kokuphunyuzwa ngoba esethole ikhadi eliphuzi. ULwandile Mbabuya, udumise inkundla ngegoli lesine.
IBay izithole isilwela indawo yayo kwiDStv Premiership kulandela ukuqeda endaweni ka-15 kwi-log. Iziqhathe ne-University of Pretoria neBaroka kweyokuhlunga, abaqede endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation.
Ukuqeda kweBay esicongweni se-log yeyokuhlunga ngamaphuzu ayisishiyagalombili kugcwalise isinqumo sikasihlalo wayo, uSifiso “Jomo” Biyela, sokulanda, uVusimuzi “Kanu” Vilakazi, kwiChippa United ukuba azohlenga igunya leqembu lokudlala esigabeni esikhulu.
Iqembu lasekhaya liqale ngamandla lakha amathuba okuzibeka ebuhleni ngemizuzu yokuqala.
Bekugqame uYonela Mbuthuma, ngemizuzu yokuqala kuya maphakathi nesiwombe sokuqala kodwa, noBarnes, ubengazibekile phansi ophondweni lwesokudla.
IBaroka iqale umdlalo yazi kahle ukuthi imelwe ukushaya okungenani amagoli amabili ukuze izibeke ethubeni lokudlala esigabeni esikhulu ngesizini ezayo.
Ukunqoba kweBaroka ngo 1-0 bekuzokhuphulela esigabeni esikhulu i-University of Pretoria eqede inamaphuzu amahlanu.
Ithuba elikhulu leBaroka liwele kuSiyabonga Mthombeni, kodwa walishumpuza ngomzuzu ka-25.
Kudlule umzuzu owodwa kwenzeke lokhu, uThato Mohlamme, wenza okufanayo egeja udede webhola alibeke phezu kwamapali engamakwe muntu.
Ligcine livelile igoli ebelidingwa yiBay ngonyawo lukaNtsundwana olivalele nethini kwachwaza inkundla ngomzuzu ka-37 akhelwa uMbuthuma.
Sekusele imizuzu emibili ukuba kusongwe isiwombe sokuqala, uBarnes oya kwiStellenbosch FC, uvalelise abalandeli beBay ngegoli okube i-freekick emshiye edidekile unozinto wezivakashi.
Ngomzuzu ka-62, uNtsundwana uvalele igoli lakhe lesibili kulandela omunye umdlalo omnandi weBay oyifice izacile emuva iBaroka.
Ukungena kwaleli goli kunike iBay igunya lokujabulisa abalandeli ngomjiko kwazise bese belithinta sekungene, noNtsako “Never Die” Makhubela.
UMakhubela wakhele uMabuya oshayele oshayele isipikili sokugcina ngomzuzu ka-85.