UBONGA umdlali wakhe, uSanele Barns ngokuzinikela uVusumuzi "Kanu" Vilakazi ongumqeqeshi weRichards Bay ebuyise ithemba kubalandeli bayo icoboshisa i-Orlando Pirates.
Kulo mdlalo weDStv Premiership obusekuhambeni, iBay ishaye iPirates ngo-1-0 wegoli lakhe uBarns alibeke enethini ngesiwombe sokuqala.
Nakuba ingakaphumi enkingeni kodwa okuhle ukuthi seyikubalekelile ukuya ngqo ehlathini.
Njengamanje leli qembu lihleli endaweni ka-15 okulinikeza ithuba lokuyolwela ukuhlala kwiPremiership ngokudlala kweyokuhlunga namaqembu amabili eMotsepe Foundation Championship.
IBay isalelwe wukudlala neCape Town City ngoMgqibelo, eCape Town Stadium nowokugcina weStellenbosch, eKing Zwelithini Stadium eMlaza ngoMeyi 25.
Uma ingaqhubeka nokunqoba le midlalo emibili bese okungenani iqembu elingaphezulu kwayo, iRoyal AM lilahla amaphuzu kweyayo, iNatal Rich Boys ingasinda nasekudlaleni eyokuhlunga.
UBarns usanda kuthengwa yiStellenbosch okungacaci ukuthi usayine inkontilela yesikhathi esingakanani kuyo.
UVilakazi akawuvali umlomo ngendlela lo mdlali azimisele ngayo phezu kokuba esazi ukuthi uzolishiya iqembu ekupheleni kwesizini.
Lo mdlali wafika kwiBay ephuma kuThongathi esigcine sithengwe yiMilford isitifiketi sayo sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship. Emidlalweni ewu-25 yeDStv Premiership, lesi sikhwishikhwishi, sishaye amagoli amahlanu.
KwiCarling Black Label Knockout nakwiNedbank Cup sidlale emibili ngokuhluka kwemiqhudelwano.
"UBarns ungumdlali wezinga eliphezulu futhi owuhloniphayo umsebenzi wakhe. Ngokujwayelekile uma umdlali esethengwe ngelinye iqembu uyadembesela.
“KuBarns yisimo esehlukile. Ngaso sonke isikhathi ubeka phambili iBay. Yingakho ngingazange ngithuke uma eshaya leli goli esinqobe ngalo.
"Ngaphambi komdlalo wePirates ngimbuzile ukuthi siyiphindisele yini imali yeStellenbosch. Ha! ha! ha! uthe asiyiphindisele. Lokhu kusho ukuzinikela nokuthanda iqembu lakhe," kubeka uVilakazi.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi into acabanga ukuthi ishaye isikhathi eside kubadlali beBay wukushonelwa kwayo wuzakwabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMashi wangonyaka odlule, iBay yashonelwa owayengukaputeni wayo, uSphamandla Mtolo. Washona kade beziqeqesha.
"Engikuqaphelile ukuthi ukushona kukaMtolo kubalimaze kakhulu abadlali baleli qembu. Kubathwalise kanzima kakhulu. Ngicabanga ukuthi kwakumele batholelwe udokotela wengqondo ngokushesha.
“Ngikhumbula sinqoba umdlalo weSuperSport, bajabula into ongakaze uyibone. Kwangicacela lokhu ukuthi bebedinga into ezoba yintokozo.
“Kule midlalo emibili kuzomele sizame ukubagqugquzela ngokubatshengisa ukuthi bangayinqoba. Okuhle ukuthi sesilwela ukuphuma kweyokuhlunga. Sizolwa ngakho konke,“ kuphetha uVilakazi.