Ucacisa ngesizathu sokuqasha umqeqeshi uPitso Dladla, uFarouk Kadodia ongusihlalo weMaritzburg United ewusonge kabi unyaka odlule ishaywa kulandelana kwiMotsepe Foundation Championship.
Emasontweni edlule iTeam of Choice imemezele ukuthi uPitso uzoba yiphini likaSimo Dladla oyinhloko yabaqeqeshi. Kwenzeka lokhu, besisikhulu isikhalo kubalandeli baleli qembu befuna ukuthi uKadodia atholele uSimo umqeqeshi onamava.
Elinye igama elike lavela ngelikaShaun Bartlett, ogcine ukusebenza kwiCape Town Spurs. UPitso ugcine ukusebenza kwiMarumo Gallants, ayaziwa amagalelo akhe.
Ngesizini ka-2021/22 uqophe umlando enyusela iRichards Bay kwi-DStv Premiership.
Yagcina imchithile ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Ngakolunye uhlangothi, uSimo uzakhele igama ngo-2016, enyusa iReal Kings kwiNational First Division (Motsepe Foundation Championship).
UKadodia utshele Isolezwe ukuthi ngokufika kukaPitso uzibona ziphelile izinkinga abebebhekene nazo.
Uveze ukuthi uqashe uPitso ngenxa yokuba namava ebholeni lakuleli. Uthe akangabazi ukuthi laba baqeqeshi bazosebenzisana kahle.
"Sonke siyawazi amava omqeqeshi uPitso. Eminyakeni edlule unyusele kwi-DStv Premiership, iRichards Bay. Okunye okusichazile wukuthi laba baqeqeshi basebancane futhi bahlale belangazelele ukufunda.
Sibheke nokuthi banobudlelwano obuhle. Uma konke kuhamba ngendlela esihlele ngayo asekhona amathuba okubuyela esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo," kubeka uKadodia.
Uqhube wathi ukuvala unyaka ngegiya eliphansi kubaphoqa ukusheshe babuyele ejimini.
"Namuhla (ngoLwesibili) sibuyele ejimini. Asizukuba naso isikhathi sokuphumula. Inhloso wukunika laba baqeqeshi ithuba lokufundana nokuhlela kahle amasu abo. Sizophinde sihlale phansi sibonisane ngabadlali okumele sibathenge, ukuze sizoqina yonke indawo," kuqhuba lesi sikhulu.
Emidlalweni emibili yokuvala unyaka, iMaritzburg ishaywe yiBaroka ngo-2-1 neBlack Leopards ngamagoli afanayo. Ilele endaweni ka-11, ngamaphuzu awu-20, emidlalweni ewu-17. Izoze ibuyele ensimini ngoFebhuwari 13 neCasric Stars, eGiyani Stadium.