UKHALA ngokuguga iphakethe uForouk Kadodia ongusihlalo weMaritzburg United njengoba sebengenabaxhasi.
Ngemuva kokuthi leli qembu laseMgungundlovu ligawulwe yizembe kwiDStv Premiership, uMasipala uMsunduzi uqome ukunqamula isivumelwano sokulixhasa ngemali.
Ngo-2021, lezi zinhlangothi zasayina isivumelwano sokuthi iTeam of Choice izoxhaswa ngoR27 million.
Kwavunyelwana ngokuthi lesi simba sihlukaniswa amasizini amathathu.
Isizini ngayinye umasipala bewukhokha uR9 million. Kunqanyulwe lesi sivumelwano sekumele ezikaKadodia zinikwe ingxenye yokugcina. Ngokwesitatimende esikhishwe yiDemocratic Alliance (DA), ngoJulayi 23, ibalelwa kuR50 million imali lo masipala osekuxhaswe ngayo iTeam of Choice selokhu yanyukela esigabeni esikhulu.
Leli qembu lezepolitiki lingelinye elasishayela ihlombe isinqumo sokumiswa kwalolu xhaso. Belizeseka ngokuthi kusetshenziswa imali yokuhambisa izidingo zomphakathi.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, uMasipala uMsunduzi ube sewumemezela ukuthi lolu xhaso lukaR27 million uzolinika iRoyal AM. Nalo luhlukaniswe ngendlela efanayo.
Lo masipala uphinde waphuca iMaritzburg United igunya lokusebenzisa iHarry Gwala Stadium walinika iThwihli Thwahla.
Kunesikhathi lapho uKadodia eke wafana nenkukhu enqunyiwe engazi ukuthi imidlalo yasekhaya ezakhe zizoyidlalela kuphi njengoba sezehlele wiMotsepe Foundation Championship.
Ekugcineni, uze wathola iSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, engaphansi kwaMasipala weTheku. Umasipala uMsunduzi ube sewuzeseka ngokuthi iTeam of Choice uzoyinika iWoodburn Stadium noma iNorthdale Stadium.
Kuthiwe lezi zinkundla zizolungiswa ukuze zizoba sezingeni le Premier Soccer League (PSL).
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noKadodia limenamela kweminye imidlalo yeChampionship ngoLwesibili, uveze ukuthi kuyesinda njengoba esengenebaxhasi.
Ubelokhu ekugcizelele ukuthi kayibona abaxhasi inhlangano engenzi nzuzo, iGift of the Givers kepha ingabalingani babo.
"Leli qembu sengiliqhuba ngokuphelele ngemali ephuma ephaketheni lami. Kasisenabaxhasi nhlobo. Akulula njengoba abantu bebuka, kunzima ukuphatha iqembu ungenabaxhasi. Usawoti sewuphinde wathelwa esilondeni ukudlalela imidlalo yethu yasekhaya eSugar Ray Xulu Stadium eseClermont, eThekwini," kubeka uKadodia.
Uqhube wathi ngeke akuphike ukuthi uma uMasipala weTheku ungabeka okuconsisa amathe etafuleni angafudukela khona ngenxa yokuswela imali.
Akawushiyanga ngaphandle uMasipala uMsunduzi, uthe nawo uma ungenza okufanayo angabuyela ekhaya egijima.
Kodwa ubuye waveza ukuthi ngeke akukhohlwe akwenziwe wuMasipala uMsunduzi.
"Kubuhlungu okwenziwe kuthina. Bese kuphele iminyaka ewu-20 iTeam of Choice ikhulisa ezokuvakasha nomnotho eMgungundlovu. Ngiye ngithi leli qembu kalifani namanye. Lisekwa yiwo wonke umuntu waseMgungundlovu. Yingakho bekugcwala phama uma lidlala. Namanje ngikholelwa ekutheni ukube kalihlukunyezwanga kanjena ngabe lokhu kwesekwa bekuzoqhubeka.
“Nakuba sesidlalela eSugar Ray Xulu Stadium kodwa zisaphuma ngobuningi izakhamuzi zaseMgungundlovu. Ngibonga kakhulu nakubantu baseClermont ngokuseseka. Basamukele ngezandla ezifudumele. Ngibona sizoqhubeka nokudlala khona isikhathi eside njengoba kungakaqalwa ukulungiswa kwalezi zinkundla esathenjiswa zona. Ngithi ababekezele abantu baseMgungundlovu, akuhlale kukubi, ngelinye ilanga lizobalela nakithina," kubeka lesi sikhulu.