AKUFANELE unozinti uMelusi Buthelezi athweswe amacala ngamagoli aholele ekutheni ezakhe zivale unyaka ka-2023 ngenduku, zishawa yiStellenbosch FC ngo 3-2 emdlalweni wakamuva weDSv Premiership.
Ekhuluma umqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro, nabezindaba ngemuva komdlalo uthe kufanele umunwe ukhombe iqembu lonke ngokudedela amagoli hhayi kuButhelezi kuphela.
EZimnyama bezihamba phambili ngo 2-0 emdlalweni obuse-Orlando Stadium ngesonto eledlule kodwa zajikelwa yiStellies, zangenelwa amagoli amathathu emizuzwini ewu-10.
Bekuvele kwenzeke okufanayo emdlalweni amaBhakabhaka owandulele lona ngesikhathi edlala neSuperSport United, ehlulwa ngo 3-1.
Ngemuva kwalowo mdlalo uRiveiro wavuma ukuthi uButhelezi ubengenza kangcono kodwa kulokhu umvikele ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe lo nozinti wenze kanjani bebhekene neqembu likaSteve Barker.
“Kufanele ngifukule bonke abadlali. Singenelwe amagoli amathathu, akukhona ukuthi uMelusi udedele amagoli amathathu, sikwenze lokho njengeqembu. Angicabangi ukuthi unesandla kula magoli amathathu. Kusobala ukuthi emdlalweni odlule wenze iphutha kodwa angiboni kukuhle ukuthi ngigxile kuyena uma sikhuluma ngalo mdlalo,” kusho uRiveiro.
“Sesingenelwe amagoli ayisithupha emidlalweni emibili. Akwamukelekile lokho kodwa akulona iphutha lalowo osuke esemapalini, yinkinga yethu sonke njengeqembu. Kuyihlazo, ikakhulukazi emidlalweni emqoka kangaka. Besibhekene namaqembu amabili esibanga nawo izindawo kwi-log. Le midlalo emibili ibibaluleke kakhulu kithina kodwa besingekho ezingeni obekumele sibe kulo ukuze siyinqobe.”
Yize ezikaMagebhula zisonge unyaka ngesibhaxu kodwa uRiveiro uthe unyaka ka-2023 akufanele uthathwe njengobumubi ngenxa yemiphumela. Nyakenye iqembu liphakamise izindebe ezimbili ngemva kokunqoba iNedbank Cup ngoMeyi, laphinde lathatha iMTN 8 ngo-Okthoba.
“Uma kubhekwa izibalo zonyaka wonke, singelinye lamaqembu ahambe phambili ngo-2023. Sinqobe izicoco ezimbili ngo-2023. Asikho isidingo sokuba nehaba ngenxa yemiphumela emibili edlule. Ngokubona kwami sizofunda lukhulu kule midlalo. Akukho okuhle engingakusho njengamanje kodwa okwenzekile kuzosisiza emidlalweni ezayo,” kuchaza uRiveiro.
“Ngike ngabuzwa ukuthi ngabe ngiyasiqinisa yini isandla kubadlali, ngingumqeqeshi webhola? Kufanele ngibhekane nabadlali abangu-35 njalo ekuseni. Engizama ukukwenza ukubahlonipha uma sinqobile ngiphinde ngenze okufanyo noma kungahambanga kahle.
“Angiyena umuntu ongasebenzisa isikhundla sakhe ngaleyo ndlela ngoba umthwalo wemiphumela usemahlombe ami njengoba usemahlombe abadlali. Empeleni yimina okumele awuthwale kakhulu kunabadlali.
“Bangabadlali bami, leli yiqembu lami. Siyabasekela bonke ngokugcwele. Kudingeka sibasize bakwazi ukulwa umdlalo uze uyophela, bangacabangi ukuthi usuphelile ekubeni ungakapheli. Ilokho kuphela."
IPirates iqede unyaka isendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-15. Isele ngamaphuzu angu-10 kuMamelodi Sundowns esadlale imidlalo engu-13 kuphela.
Iqembu likaRiveiro lizobuyela enkundleni ngoFebhuwari 14, lapho lizotholana neChippa United koweligi ekhaya.