ENYE yezinkakha eziconywa ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi ngezikhathi zayo isayibamba enkundleni, uJomo Sono, isola abaqhathanisa abadlali abasazakhela amagama nezingwevu ezazilibamba kuthule umoya, mzukwane.
USono osengumqeqeshi weqembu lakhe iJomo Cosmos, waqala ukuduma egijima kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule. Wabuye wadlala naphesheya kwiNew York Cosmos, Atlanta Chiefs neToronto Blizzard. Ubeyisikhulumi kwiWorld Football Summit eThekwini, lapho kudingidwa khona izinhlelo zokuthuthukisa ibhola kwizwekazi i-Afrika.
Uthe nakuba bebaningi abadlali abanethalente abaqhamukayo kuleli, kumele banikwe ithuba lokwenza izinto ngendlela yabo.
Wenze isibonelo ngomdlali we-Pirates, uMonnapule Saleng, athe asikho isidingo sokuthi aqhathaniswe naye.
Lo mdlali usematheni kulezi zinsuku ngemuva kokushaya amagoli amabili kowandulela owamanqamu weMTN8, Ezimnyama ziwashisa iMamelodi Sundowns ijezi, waphinde wavalela elinqobe AmaZulu kowamanqamu. Kuphinde kubatshazwe nokungesabi kwakhe ukubhekana ngqo nezitobha, ezinye asezigingqe phansi ngoba zihluleka ukumelana nejubane nomjiko wakhe.
"Kusasekuseni kakhulu. Imidlalo emibili ayikwenzi uJomo Sono, asikhulume iqiniso. Ngadlala iminyaka engu-20 futhi ngangingumdlali omncane kunabo bonke abake badlala esigabeni esikhokhelayo ngineminyaka engu-15. Ngase ngishayela iPirates amagoli ngaleso sikhathi. Akufanele siqhathanise amanzi namafutha," ubeke kanje.
"Ungumdlali osezingeni eliphezulu (uSaleng) futhi kufanele simkhuthaze ukuthi aye phambili. Uma siqhathanisa laba badlali nabadlali abafana noJomo noma u-Ace (Ntsoelengoe) kuba yinkinga ngoba bayanyamalala.
"Kwenzeka okufanayo nakuTso (Vilakazi). Ingcindezi abafakwa ngaphansi kwayo iba nkulu kakhulu. Asibavumele bajabulele ibhola, badlale ngendlela yabo ngaphandle kokubaqhathanisa namuntu.
"Siyekeni thina badlali bakudala ngoba isikhathi sethu safika sadlula. Akulula ukudlala ngendlela esasidlala ngayo. Ibhola lalihlukile kakhulu ngaleso sikhathi, sasisebenzisa amandla futhi sikhahlelana ngempela," kusho uMjomane.