IBAMBA lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, livume eyokucabanga kuze kweqe ngezindawo elibophele kuzona abanye abadlali ngesikhathi bedlala ne-Orlando Pirates kowomkhaya baseSoweto ngempelasonto.
IChiefs igcine iguqe ngo 1-0 kulo mdlalo weDStv Premiership obuseFNB Stadium ngempelasonto. Igoli lePirates lingene esiwombeni sokuqala lishaywa u-Evidence Makgopa.
UJohnson obekungumdlalo wakhe wokuqala womkhaya kusukela ebanjiswe isikhundla kuMakhosi kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki, ukwamukele ukuthi bekungaba ngcono ukuba akazange asicabange kakhulu isikimu asiqalile lo mdlalo.
Abadlali abekhuluma ngabo udlalise uNkosingiphile Ngcobo noZitha Kwinina abangabanye abaqale umdlalo.
Bekungalindelekile ukuthi uReeve Frosler, ohlale eqala imidlalo emuva ngakwesokudla abe sebhentshini kepha indawo yakhe idlalwe uZitha Kwinika, owaziwa njengesitobha samaphakathi nodonga lwasemuva.
Emidlalweni yeChiefs engu-14 kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini, kudlale uFrosler ingakho kuthusile kwabanye ukubonakala kukaKwinika eqala owabakhaya ekubeni ubesabonakale kweyisishiyagalombili kuphela kule sizini.
Ngemuva komdlalo, uJohnson uvumile esithangamini nabezindaba ukuthi ngaphandle kwephutha lokufaka uKwinika esikhundleni sikaFrosler, nendawo adlalise kuyona uNgcobo, igcine isimsonta u-Edson Castillo oyibamba esiswini.
"Bengizama amaqhinga ngokuqalisa uKwinika ngoba bengazi ukuthi uDeon (Hotto wePirates), uzokwenza ajwayele ukukwenza kodwa lokhu akuzange kwenzeke njengoba uHotto eqome ukuhlala endaweni yakhe angashosheli," kusho uJohnson.
"Kuliqiniso ukuthi mhlawumbe kungenxa yokubakhona kukaKwinika ingakho uHotto ebethule engakhuphuki. Ngokubona ukuthi uHotto akenzi lokhu ebesikulindele kuyena, sifake uFrosler ongene wenza kahle kodwa isikhathi sokuguqula umdlalo bese sisincane kakhulu.
"Okunye okwenze lesi sinqumo ukuthi uFrosler ubewudlale wonke oweCape Town Spurs ngakho-ke besicabanga ukuthi kungasibeka endaweni engcono ukuqala ngoKwinika yena obephumule ngokwanele," kusho uJohnson.
Lo mqeqeshi obekuwusuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibelo, uphinde wachaza nangendlela abebefuna uNgcobo adlale ngayo kulo mdlalo kodwa wangaphumelela.
"Bangakhuluma baze bakhihlize amagwebu abaqeqeshi ngezitayela zokudlala kodwa unobutshuzwayo ulele ekutheni uyakuqonda yini okufanele akwenze umdlali lapho ebekwe khona umqeqeshi.
"Inhloso bekuwukuthi uNgcobo adlale asondele kubagadli obekuzovulela uCastillo ithuba lokukhululeka kodwa nalo mzamo awuzange usebenze ingakho sigcine sesibashintsha cishe bonke abadlali esiqale ngapho phambili safaka abanye," kuqhuba lo mqeqeshi.
UJohnson uyaqonda ukuthi mkhulu umsebenzi omhlalele ukwenza iChiefs ifinyelele lapho kufanele ifike khona kodwa uyazethemba. Owomkhaya bekungowesithathu kaJohnson esebhentshini. Uvule izintambo ngokuhlulwa yiLamontville Golden Arrows (2-1), walandela ngokushaya iSpurs (3-2) njengoba sebephinde balahla amaphuzu kweZimnyama.
"Ngenelisekile ngabadlali engibafice kwiChiefs futhi bonke kubafanele ukuba kuyona. Abanye babo ukuzethemba kuphansi kodwa konke lokhu kuzodlula.
"Umsebenzi wethu kwiChiefs ukwenza ukuthi abadlali bahlale besesimweni esifanele ngokomqondo nangokwemizimba," kuphetha uJohnson.
IChiefs esaqoqe amaphuzu awu-14 emidlalweni ewu-11, izobuyela enkundleni ngomunye umdlalo womkhaya baseSoweto (Moroka Swallows) ngoNovemba 26, eDobsonville Stadium ngo-3.30 ntambama.