UZOGCULISEKA uma iqembu seliqala ukunqoba imidlalo eminingi ilandelana uCavin Johnson, oyibamba mqeqeshi kwiKaizer Chiefs, nakuba seliqala ukucosha amaphuzu.
Amakhosi aguqise iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama ngegoli elibekwe enethini nguPule Mmodi ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Bekungokwesibili kulandelana enqoba kwiligi kwazise abegcine ethele phansi iMoroka Swallows ngendlela efanayo. Leli qembu laligcine ukwenza lokhu ngo-Agasti ngesikhathi linqoba AmaZulu neStellenbosch FC.
IChiefs yagcina ukunqoba imidlalo eminingi yeligi ilandelana ngesizini ka-2019/20 lapho yanqoba khona imidlalo eyisishiyagalombili yeligi ilandelana kusukela ngoSepthemba kuya kuDisemba.
UJohnson unethemba lokuthi bazozibeka ethubeni lokuthola imiphumela emihle uma bengathola indlela yabo yokudlala ibhola abazoyisebenzisa uma bebhekene namaqembu adlala izinhlobo ezahlukene zebhola.
“Bekuwumdlalo onzima, sidlale kangcono ngesikhathi sibhekene neSwallows. Sikwazile ukuliphasa kahle ibhola ngoba iSwallows idlala kanjalo. Kulokhu besidlala neqembu elenza izinto zibe nzima. Bebedlala amabhola amade bese beyagijima,” kusho uJohnson.
“Asizange sidlale ibhola lethu elisezingeni eliphezulu kodwa sikwazile ukubona ukuthi singadlala kanjani futhi sinqobe uma sibhekene neqembu elidlala ngalolu hlobo. Uma ukwazile ukwenza lokho wonke umuntu uyajabula ngoba usuke uthole amaphuzu amathathu. Sesizokwazi ukuhlaziya umdlalo ukuze sibone lapho besingadlala khona kangcono.
“Iqembu liyathuthuka kodwa lisengakwazi ukwenza kangcono. Ngicabanga ukuthi senza umsebenzi omuhle kodwa uma sesinqobe imidlalo engu-15 singaqala sikhulume ngokuthi iqembu lenza kahle.”
UJohnson uphinde wancoma ubuholi beChiefs ngendlela olusingathe ngayo udaba lokumiswa kwesilomo saleli qembu, u-Itumeleng Khune.
NgoLwesine olwedlule Amakhosi akhiphe isitatimende esithi uKhune (36) umisiwe kulandela ukutholakala ephule eminye yemithetho yalo. Yize lesi sitatimende singacacisanga ukuthi uphule miphi imithetho, ngokwemibiko yakamuva kusolakala ukuthi wafika ejimini ephuze utshwala.
Ngaphezu kwalokho, leli qembu liveze ukuthi usesusiwe nasesikhundleni sokuba ngukaputeni.
“Abaphathi baleli qembu kumele banconywe ngendlela abaluphathe ngayo lolu daba. Ngalokho angisho uCavin Johnson kodwa ngibala noJessica (Motaung), Kaizer (Motaung), Kemiso (Motaung), Gerald (Sibeko), Bobby (Motaung), Vina (Maphosa), sonke sihlangene. Iqembu liyakwazi ukulawula izindaba ezibucayi njengalezi njengoba sonke sazi ukuthi u-Itu ubaluleke kanjani kulona,” kuqhuba uJohnson.
“Ekugcineni sikwazile ukupholisa abadlali nokwenza isiqiniseko sokuthi banolwazi ngakho konke okuqhubekayo. Sonke asikho msulwa, yileyo okufanele siyiqonde. Noma ngabe kwenzekani kubadlali bethu uma sebengaphandle kodwa siyazi ukuthi izinto ezinjengalezo ziyenzeka. Akekho umuntu omsulwa.
“Sibonga ukuthi sisebenzela iqembu elifana neKaizer Chiefs, elikwaziyo ukuthi ‘sizokusiza’. Ngiyajabula ngoba isitatimende seqembu sithe ‘sizokusiza’. Njengoba ngake ngasho, leli qembu liphethwe ngabantu okufanele ngabe bahamba nabaphathi bamazwe.”
Amakhosi asesendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-14. Umdlalo wawo olandelayo azowudlala neRichards Bay eFNB Stadium ngoDisemba 23.