UMQEQESHI obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, unethemba lokuthi amawini amathathu asebawathole kulandelana kwiDStv Premiership, azofaka amaphiko kubadlali okuzogwema ukuthi bavumele ukugitshelwa abanye abafana emakhanda njengoba bekwenzeka ngasekuqaleni kwesizini.
Lo mqeqeshi obanjiswe ngoba kuxoshwe uMolefi Ntseki, utshele abezindaba abenesithangami nabo emuva komdlalo weRichards Bay FC, ukuthi ngasekuqaleni kwesizini iqembu lakhe belivumela amanye ukuthi aligibele ekhanda.
Emidlalweni emithathu yeChiefs edlule isiqoqe amaphuzu agcwele kwiMoroka Swallows, Polokwane City neRichards Bay ngaphandle kokungenelwa igoli.
Nakuba kubukeka kukuhle konke, noBruce Bvuma ekhombisa izimpawu zokuwulungela umsebenzi ezintini, uJohnson ukholelwa ekutheni iChiefs ayikabi ilokhu akufunayo.
“Obekusobala ngeChiefs ngasekuqaleni kwesizini ukuthi ibivumela amaqembu azenzele kuyona ngendlela athanda ngayo,” kusho uJohnson.
“Kunezinga leChiefs engike ngakhuluma ngalo ngesikhathi ngithatha umsebenzi. Lelo zinga ileli esiphupha ngalo ngoba kulapho izinto zizobe sezihlangene ngale ndlela yokuthi kuyobe sekuyithina esigibela emakhanda amanye amaqembu.
“Ngiyazi ukuthi kuzosithatha isikhathi ukuthi sifike lapho kodwa nginethemba lokuthi la mawini amathathu esiwathole elandelana azofaka abadlali izimpiko, bazibone ngendlela okufanele ngabe bazibona ngayo (abadlali beqembu elikhulu iChiefs),” kuqhuba lo mqeqeshi.
Uyakwazi uJohnson okufanele bakwenze ukuze iqembu libuyele esicongweni kodwa futhi uyaqonda ukuthi ngeke kube into ezoshesha ukwenzeka.
“Mina nomkami sazana ukusuka nokuhlala ngoba sesinesikhathi sindawonye, ngakho-ke siyakwazi okufanele sikwenze ukuze abadlali beChiefs bafike kulelo zinga lokwazana nokwethembana ngaleyo ndlela.
“Ukuxhumana okunjalo kumqoka kubadlali beqembu elikhulu njengeChiefs ngakho-ke kusezandleni zethu ukufika kukona ngoba siyakwazi okufanele sikwenze.
“Kumele kube ithina esithwalisa kanzima amaqembu ngoba siyiChiefs, hhayi ukuthi kwenzeke ngenye indlela.
“La mawini kufanele asebenze njengomjovo ukwenza abadlali baqale bahambele phezulu ngoba ukuzethemba kwabo ikhona okuzobuyisela iqembu endaweni eliyifanele,” kuphetha uJohnson.
IChiefs elele isithupha kwi-log ngamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-15.
Izosonga unyaka ngokubanga amaphuzu amathathu neSekhukhune United ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.