KUFANELE ngabe amaqembu akwiDStv Premiership ashaya ujenga ngenhloso yokweshela u-Andile Jali, osanda kuhlukanisa ifindo neMamelodi Sundowns.
Ngamazwi enkakha yeSundowns, uJohn Tlale, ebiphendula umbuzo wephephandaba, mayelana nemizwa yakhe ngendlela uJali ahlukane ngayo neDowns.
UJali ubebuye ahole iqembu njengokaputeni eminyakeni emihlanu ayidlale kompetha beligi. Ngeledlule iSundowns ikhiphe isitatimende iqinisekisa obese kusabalele ukuthi sebehlukene noJali.
Bese ziqalile ukubonakala izithombe namavidiyo kaJali ezinkundleni zokuxhumana, ezijabulela nabangani bakhe ekubeni isizini isaqhubeka. Kwacaca ukuthi akasayingeni eyokuzihlanganisa neDowns.
Uqale ukuba yindaba egudwini ngokungabonakali ngesikhathi iSundowns yamukela izindondo nenkomishi zokuba ngompetha beDStv Premiership emasontweni edlule.
Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, akazange acacise ukuthi kwenzakalani ngoJali ngesikhathi ebuzwa esithangamini nabezindaba, ngemuva komdlalo wabo wokugcina weligi.
Wathi udaba lwakhe lusekubaphathi futhi yibona abezocacisa njengoba kugcinwe ngokuthi kukhishwe isitatimende.
Yize uTlale odlalele iSundowns kusukela ngo-1995 kuya ku-2002, engathandanga ukugxila ekutheni uJali uhambe kanjani eqenjini kodwa ukhulume sakuvusa emaqandeni amaqembu ePSL adinga abadlali basesiwini.
“Kunzima ukuphawula ngendlela ahambe ngayo ekubeni enomlando omuhle njengomunye wabaholi beqembu ngoba izizathu ngebhadi asizazi,” kusho unozinti owayeyingxenye yeBafana Bafana, eyadla isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.
“Noma ngabe kwenzekeni phakathi kwakhe neSundowns kodwa ukube ngineqembu elidlala esigabeni esikhulu ngabe ngingomunye wabaphambili ukushela uJali ngoba ithalente lakhe alingatshazwa.
“Ubuholi bakhe buhlale busobala bese kuzoba isipiliyoni esimangalisayo angafika naso kunoma yiliphi iqembu,” kuqhuba uTlale owadlala nakwi-Orlando Pirates, njengoba noJali ewadlalele womabili amaqembu.
Imibiko engaqinisekisiwe yaveza ukuthi uJali uziqhathe noMokwena ngokungaziphathi kahle uma engaphandle kwenkundla.
“Impilo kaJali yangaphandle kwenkundla ebivela ezinkundleni zokuxhumana, kimina ithi, yena ubesevele azi ukuthi eyakhe isizini isiphelile.
“Angingabazi ukuthi uma sekuyisikhathi sokubuyela emsebenzini uzokwenza njalo ukuze afike eqatha ngokwanele eqenjini elizomthatha,” kulandisa uTlale.
UJali (33), odlalele amasizini amane eBelgium, umataniswa namaqembu amakhulu kuleli okubalwa AmaZulu FC, neKaizer Chiefs. Kanti usuku lwayizolo luphele sekubalwa nezinkunzi zase-Afrika, iWydad Casablanca yaseMorocco, emaqenjini alandela lo mdlali.
Ngesikhathi kuthintwa uMike Makaab, ophethe izindaba zikaJali ngamahebezi uthe: “Njengoba bekulindelekile, uJali uyinyama emaqenjini amaningi ahlukene kodwa izingxoxo zisesekuqaleni ngokwahlukana kwawo.”