UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGavin Hunt, akazimisele ngokubekezelela abadlali abasebancane, abazophuma endleleni ngenxa yodumo.
UHunt ufike kwiChiefs waphoqeleka ukuthi adlalise abadlali abasebancane ngenxa yesigwebo esidonswa yiqembu, sokungakwazi ukusayinisa abadlali abasha. Kulaba badlali kubalwa uNkosingiphile Ngcobo (21), Happy Mashiane (23) noDarrel Matsheke. Sebephenduke izintandokazi kubalandeli baMakhosi, ikakhulukazi uNgcobo osedlale imidlalo engu-12 washaya amagoli amathathu, noMashiane oseshaye inethi kabili emidlalweni eyisihlanu ayidlalile.
Eminyakeni edlule iChiefs ihluphekile ngabadlali abasebancane abagcina bewuhlupho, bangene ezinkambeni sikaFaro emuva kokukhushulelwa esikimini esikhulu. Kulaba badlali kubalwa uThabiso "Skapi" Malatsi, Junior Khanye, Jabu Mahlangu nabanye.
"Iqembu selibe nabadlali abaningi abanjalo. Asibadingi labo badlali. Uma ngisekhona lapha, ngeke babekhona. Sesibe nabo abambalwa eminyakeni edlule abadale izinkinga. Uma ngisekhona ngeke babekhona abanjalo. Ngiseqiniseko salokho," kusho uHunt.
Ukhuluma kanjena nje, uHunt usanda kuncoma abafana abancane ngendlela abazimisela ngayo kusukela ebanike ithuba esikimini. Ngaphansi kuka-Ernst Middendorp, kade bengadlali njalo oNgcobo noMashiane. Manje babukeka bezelwe kabusha ngaphansi kukaHunt.
Lo mqeqeshi uncome uNgcobo wathi unekhono elimangazayo futhi udinga ukuhlala ezindaweni eziyingozi ukuze iqembu lizodla ngaye. Mayelana noMashiane uthe umthande eqala ukumbona ngoba uwuhlobo lwabadlali abagoba kahle ibhola.
IChiefs engakahlulwa emidlalweni emine yakamuva, izinzile kwi-top 8. Isendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15 emuva kwemidlalo engu-13. Ngempelasonto ibuye nephuzu ibambana neStellenbosch eKapa.
Kusasa Amakhosi azokwamukela iBaroka emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngo-5 ntambama. NgoMgqibelo azobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto e-Orlando Stadium.
"Angikawucabangi umdlalo wabakhaya. Kusafanele silungiselele owangoLwesibili. Angikwazi futhi ukuphumuza abadlali. Kufanele siqhubekele phambili. Ukushaya igoli kuyakunyusa njengeqembu, ubenento ozobambelela kuyona. Sidinga ukwenza lokho kuyona yonke imidlalo. Uzolimala uma ungawasebenzisi amathuba, "kusho uHunt.