Orlando Pirates (1) 1
TS Galaxy (0) 0
I-ORLANDO Pirates iqhubeke nomgqigqo ibuya namanye amaphuzu amathathu ishaya i-TS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli enqobe ngalo iPirates kulo mdlalo kube yingcwenga ye-free kick evalelwe phakathi wuDeon Hotto ngesiwombe sokuqala, ogcine eqokwe njengomdlali ovelele.
IPirates beyize kulo mdlalo kuthe gidi izibindi kwazise beyibuya ekunqobeni kowomkhaya baseSoweto ngokuguqisa iMoroka Swallows ngo 2-0 kowePremiership.
Ngakolunye uhlangothi iGalaxy nayo beyize emdlalweni ihambela phezulu kulandela ukuzibekisela kwayo indawo kowamanqamu eCarling Black Label Knockout Cup ngempelasonto edlule.
Ngesiwombe sokuqala iPirates yiyona ekhombise ukuba phezulu ngomdlalo, yathola amathuba amaningi kuneGalaxy.
Ngomzuzu ka-23 iPirates ithole i-free kick ngemuva kokuba uPatrick Maswanganyi edlaliswe kabi wuMacbeth Mahlangu weGalaxy ngaphandle kancane kwebhokisi, yabe isithathwa wuHotto oyivalele phakathi kwaba ngu 1-0.
Ngesiwombe sesibili, womabili la maqembu awatholile amathuba, ikakhulukazi iPirates okuyiyona ebicindezela kakhulu, nobekufanele ithole amanye amagoli kodwa yehluleka ukuwasebenzisa ngendlela amathuba.
Ukunqoba kweZimyama lo mdlalo sekuzithathe kwazibeka endaweni yesihlanu kwi-log yePremiership emidlalweni engu-13, kanti zisalelwe yimidlalo emithathu ukusonga unyaka, okungweGolden Arrows, iSupersport neStellenbosch FC ezovala nayo unyaka ngoDisemba 29.
Ngakolunye uhlangothi i-The Rockets kwiligi isalelwe iStellenbosch, i-Arrows neChippa United ezovala nayo ngoDisemba 30.
NgoMgqibelo ibuyela enkundleni ngowamanqamu ezowudlala neStellenbosch FC, ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.