UHLEKA yedwa umqeqeshi waMaZulu FC kubuya umgadli, uSede Junior Dion wase-Ivory Coast, ongakaze abonakale kule sizini ngenxa yokulimala.
Nakuba lo mgadli efike oSuthwini emlenzeni wesibili weligi ephuma kwiMarumo Gallants ngesizini edlule kodwa ushaye amagoli ayisikhombisa.
Kumalungiselelo esizini ka-2023/24, unike ithemba lokuthi uzoba inkinga eshaya amagoli amabili kwiKZN Premiers Cup.
Kwehle iziqhomo ekuqaleni kwesizini umqeqeshi uPablo Franco “Cijimpi” Martin eveza ukuthi ulimele ihlombe, usazohlala engadlali.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain, usekuveze kaningi ukukhathazeka ngokuba buthuntu kwabagadli bakhe.
Wacashunwa ethi ukholelwa ekutheni lokhu bekungeke kwenzeke ukube uDion ubekhona.
Kubagadli abakhona unoBongi Ntuli, Victor Letsoalo no-Augustine Kwem waseNigeria, usalinde uVictorien Adebayor ovaleleke ngakubo eNiger.
Emasontweni edlule, uphinde waba neshwa kutholakala ukuthi uYakhouba Gnagna Barry waseGuinea abefuna ukumsayinisa unenkinga yedolo.
Isikhala sakhe singase sivalwe uVincent Oburu waseKenya naye athe akakasayini, usahlolwa.
UCijimpi uveze ukuthi maningi amathuba okuthi ambophele uDion uma sebebhekene neCape Town City, ngeSonto koweDStv Premiership oqala u-5.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
"UDion usejima neqembu ngokuphelele. Sijabule kakhulu. Akakaze awudlale nowodwa umdlalo osemthethweni kanti namalungiselelo esizini ephezulu aqale eselimele. Ube wumshayi magoli ovelele ngesizini edlule. Kuyamangaza lokhu uma uzobheka isibalo semidlalo ayidlalile. Sicabanga ukuthi uzobe ekhona emdlalweni olandelayo ukuze ezosisiza ekushayeni amagoli," kubeka uCijimpi emamatheka.
Nakuba uSuthu beluhluleka ukuqoqa amaphuzu kwemithathu yokuvula kodwa okuhle ukuthi nalo belungangenelwa amagoli. Izinto zoniwe yiKaizer Chiefs elushaye ngo 3-0.
Nokhu luphinde lwavuka lwehlula iTSGalaxy ngo 1-0 ngaphambi kokuya ekhefini leFifa.
Ngakolunye uhlangothi, izinto azihambi kahle kwiCity njengoba seyishaywe kwemine kulandelana. Kulesi sibalo kukhona neshaywe kuwo iChiefs ngo 2-1 kowama-quarterfinal eMTN8.
Iye ekhefini iphuma esibhaxwini sika 2-0 se-Orlando Pirates. Nakuba uCijimpi ethi ngeke bayeye iCity kodwa nangokwerekhodi uSuthu luhlale luzenzela kwezikaTinkler.
"ICity izolwela ukufa nokuphila kulo mdlalo. Ngesingami ingelinye lamaqembu adlala kahle kwiligi. Mhlawumbe ibe neshwa kule midlalo edlule. Okwethu ukuthi sibuswe intshisekelo yokunqoba bese singazibhayizeli izitha zethu. Uma singanakile zingasilimaza. Sisitholile isikhathi esanele sokuzicwaningisisa kahle. Seyisemiqondweni indlela okumele sizihlasele ngayo.
“Okubalulekile ukuqonda ukubaluleka kwemidlalo ezayo, hhayi kuphela owangeSonto. Mhlawumbe okwamanje akukabaluleki ukuthi sihleli kuyiphi indawo. Okumele kube seqhulwini ukuqoqa amaphuzu ngobuningi bawo," kusho uMartin. La maqembu abambene ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emihlanu.