UKULIMALA kwenjini yasesiswini kwiManchester City, uKevin de Bruyne, ekuqaleni kwale sizini kumphathise ngekhanda umqeqeshi waleli qembu, uPep Guardiola, kwaphinde kwasa ngokunye futhi eselinyalelwa ngumgadli wakhe ovutha uphondo, u-Erling Haaland ngoDisemba.
Akungatshazwa ukuthi kuthe gidi isibindi kuGuardiola kubuya uDe Bruyne ekulimaleni ngoJanuwari, obesehlale izinyanga ezinhlanu engadlali.
Kanti ukubuya kukaHaaland kona kufana noju lwezinyosi kulo mqeqeshi kwazise le nkalimeva yomgadli ibisihlale izinyanga ezimbili ingadlali njengoba yayigcine ngoDisemba 6 leli qembu lidlala ne-Aston Villa kowe-English Premier League.
Ngemuva kwemidlalo emibili ebuyile ekulimaleni ngoFebhuwari, uHaaland ubingelele ngamagoli amabili ngesikhathi iManchester City ibhaxabula i-Everton ngo 2-0 ngempelasonto edlule koweligi.
UHaaland ubuya ekulimaleni nje akekho obesamdlulile emjahweni wamagoli kwiPremier League njengoba ayelimale ezihola phambili ngamagoli angu-14 kodwa wagcina eficwe uMohamed Salah weLiverpool naye oselimele.
Njengamanje lolu nkonko lomgadli yilona oseluzihola phambili ngamagoli angu-18 kwiPremier League, lulandelwa nguSalah ngangu-14 noDominic Solanke weBournemouth ngangu-13.
Ephawula ngokubuya kukaHaaland, umqeqeshi uGuardiola uthe ukholwa wukuthi ukuvuthwa emqondweni kwalo mgadli yikhona okuwukhiye ekushayeni kwakhe amagoli.
“Asifuni ukumethwesa ingcindezi (uHaaland) yokuthi ‘kufanele usishayele amagoli’, cha. Esikhundleni salokho sithi kuye, ‘zimbandakanye kulokhu esikwenzayo, okunye kuzozenzakalela’,” kusho uGuardiola ecashunwa yi-The Telegraph.
“Uma eshaye igoli ufuna elesibili, aphinde afune elesithathu. Uyabona uma ubheka isibalo samagoli asewashayile kule kule minyaka yobudala anayo kuyacaca ukuthi usaya kude, ngoba ngisho noMessi (Lionel) akawashayanga amagoli angaka esekule minyaka anayo uHaaland.
“Akukholakali. Ushaya amagoli yonke indawo, ngaso sonke isikhathi. Unendlela ethile yokucabanga. Siyajabula ukuba nomdlali onjengaye eqenjini, futhi siyakujabulela ukubuya kwakhe emva kwezinyanga ezimbili.”
UHaaland usevalele phakathi amagoli angu-21 emidlalweni engu-23 asayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini ka-2023/24 eqhubekayo.
Ukubuya kwalo mgadli kubukeka kufike ngesikhathi esifanele njengoba sewuqala ukushuba umbango wesicoco sePremier League.
Ukunqoba kweMan City ngempelasonto ibhaxabula i-Everton kuyibeke endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-52 ngemuva kweLiverpool esazihola phambili ngamaphuzu angu-54 emidlalweni engu-23 ngokulinganayo.
Womabili la maqembu asembangweni wesicoco, anemidlalo emqoka kule mpelasonto njengoba iLiverpool izotholana phezulu neBrentford, namuhla ngo-2.30 ntambama, eGtech Community Stadium, eBrentford.
IMan City izobhekana neChelsea namuhla ngo-7.30 ebusuku e-Etihad Stadium, eManchester.
Ngaphandle kokulwela ukuvikela isicoco sePremier League, iMan City ibhekene nenye inselelo yokuvikela isicoco se-Uefa Champions League esinqobe ngesizini edlule iguqisa i-Inter Milan ngo 2-1 kowamanqamu.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla - Ngo-2.30pm:
Brenford v Liverpool
Ngo-5pm:
Burnley v Arsenal; Newcastle United v Bournemouth; Fulham v Aston Villa; Nottingham Forest v West Ham; Tottenham v Wolverhampton
Ngo-7.30pm:
Manchester City v Chelsea
Kusasa - Ngo-4pm:
Sheffield United v Brighton
Ngo-6.30pm:
Luton v Manchester United