UMGADLI weSuperSport United, uBadley Grobler, ufuna bazishayele bona i-Orlando Pirates ebamise kabi kwi-log yeDSTV Premiership.
ISuperSport, esendaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwi-log, izogadulisana nePirates ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla, ngo-17:45 ntambama.
IPirates isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-14. Amatsatsantsa aphambili ngephuzu kweZimnyama emuva kwemidlalo engu-14. Lokhu kusho ukuthi iPirates uma ingawina izonyukela endaweni yesibili. UGrobler, ovamise ukuyimisa kabi iPirates, ubalule ukubaluleka kokuzishayela iPirates ukuze bagcine indawo yabo ngemuva komakhelwane, iSundowns, abazihola phambili ngamaphuzu angu-33 emuva kwemidlalo engu-11.
ISuperSport izongena enkundleni ishayela phezulu kulandela ukuwina umdlalo wokuqala esigabeni samaqoqo emqhudelwaneni iCaf Confederation Cup ngoLwesithathu ebusuku. Yehlule i-Al Hilal Benghazi yaseLibya ngo 2-1. Ngaphambi kwalokho, icoshe amaphuzu agcwele kwiMoroka Swallows kowePremiership. Lokhu kwenzeke emuva kwesikhathi eside iSuperSport yehluleka ukuwina imidlalo.
“Umoya muhle ekhempini. Besingawini kodwa lokho akusiqedanga umfutho. Manje sesiwine imidlalo emibili ebaluleke kakhulu. Sesizishintshile izinto. Silinyalelwe ngabadlali abambalwa kodwa umoya muhle ekhempini. Sizoba lapha isonto lonke (ePolokwane), kuhle ukuthi singabadlali sizoba ndawonye. Ngicabanga ukuthi sonke siwubheke ngabomvu umdlalo.
“Ukuwina nokuthi sifuna ukuqeda kuphi kwiligi kwenze kwabaluleka ukuwina. Leli yithuba elikhulu. IPirates iyiqembu elihle futhi elinzima ukudlala nalo kodwa iyiqembu esibanga nalo izindawo okwamanje kwiligi. Ngakho wumdlalo esizozinikela ngakho konke kuwona, sithole amaphuzu ngobuningi bawo,” kusho uGrobler.
Ukuwina kweSuperSport kwiBenghazi akwenyusanga kuphela ukuzethemba ekhempini kodwa kubuyise nethemba lokudlulela kuma-quartefinal omqhudelwano. Nokho kuningi okufanele iSuperSport ikwenze kahle kowePirates uma ifuna ukuqhubeka nomgqigqo. EZimnyama seziwine imidlalo eyisihlanu kweyisithupha yeligi ilandelana.
Umdlali wasesiswini waMatsatsantsa, uGrant Margerman, uthe badinga ukuvala emuva. Kule sizini, iSuperSport ingenelwe ngamagoli angu-15 emidlalweni engu-14 yeligi. Ibalwa namaqembu aselande ibhola enethini kaningi kwiPremiership ngesizini ka-2023/2024.
“Okwethu ukwenza isiqiniseko sokuthi siyaqina emuva. Singenelwa ngamagoli cishe kuyona yonke imidlalo esisayidlalile eyisihlanu. Ngakho okwethu wukwenza isiqiniseko sokuthi asingenelwa yigoli kuqala. Emuva kwalokho, sisebenzisa amathuba,” kusho uMargerman.