OYINKAKHA yeKaizer Chiefs, uTshepo Molatedi, uthi umgadli waleli qembu uJasond Gonzalez, kuzomele abhukule uma ezimisele ngokuzakhela ugazi kubalandeli baleli qembu.
UGonzalez (24) odabuka eColombia, ujoyine iChiefs ekuqaleni kule sizini esuka kwiReal Santa Cruz yaseBolivia, ebatshazwa njengomgadli olibhakuzisayo inethi.
Nokho kubukeka zisayime emthumeni kulo mgadli ongakalitholi igoli emidlalweni emihlanu asayidlalile kwiChiefs kuyo yonke imicintiswano.
"Kuwo wonke amazwe emhlabeni okudlalwa kuwo ibhola elikhokhelayo, uma ungumdlali wokufika kuhlale kulindelwe olukhulu kuwena, futhi kungumgomo ukuthi kufanele wenze kangcono ngokuphindiwe kunabanye abadlali bakulelo lizwe odlala kulona.
“Ngakho-ke uGonzalez, yize engakadlali imidlalo eminingi, kodwa akakasikhombisi le nto esiyilindele kuye njengomgadli osayiniswe ebatshazwa ngokuba bukhali phambi kwamapali.
“Njengamanje ubhekene nenselelo yokusivala imilomo thina abanye bethu esesiqala ukumngabaza ngokuthi ashayele iqembu amagoli njengomgadli olandwe ethenjiwe," kusho uMolatedi.
“Ngaphandle kukaGonzalez, omunye umgadli osayiniswe yiChiefs kule sizini, uRanga Chivaviro osuka kwiMarumo Galants ayishayele amagoli angu-17 kuyo yonke imiqhudelwano okubalwa neCaf Confederation Cup, ngesizini edlule.
“Ngokwami uChivaviro kusafanele anikwe ithuba, ngikholwa wukuthi kukhona asazosikhombisa khona. Angilingabazi ikhono lakhe, njengoba ngikwazile ukumbona ngesizini edlule kwiMarumo, uma kuqhathaniswa noGonzalez ebesingakaze simbone, nesiqalayo ukumbona la kwiChiefs,” kuqhuba uMolatedi owadlala kwiChiefs ngeminyaka yo-1990, wanqoba Iwisa Maize Meal Spectacular neBP Top 8 ngo-1994.
Kule minyaka eyisishiyagalombili yesomiso, Amakhosi asayine abagadli abebebatshazwa ngokungalibheki ipali kodwa bafika eNaturena zayima emthumeni.
Phakathi kwabo kubalwa, u-Edmore Chirambadare, uGustavo Paez, uLazarus Kambole, noCaleb Bimenyimana.
UBeminyimana ofike ngesizini edlule ethwelwe ngeqoma, uhambe ngaphambi kokuqala kwale sizini esenyamanambana kwabanye abalandeli baleli qembu, abebemsola ngokugeja amagoli. Amagoli agqame ngawo kube amaphenathi kodwa abalandeli bagcina sebeshaya amakhala ngaye ngexa yokwehlulwa oqekelele.
Omunye umgadli okungamhabeli kahle uChristiane Saile ofike ngesizini edlule njengoba naye kusabhimba phambi kwamapali.
Amakhosi aseshaywe emidlalweni emibili yeligi yakamuva ilandelana, azobuyela ensimini ngokubhekana neCape Town Spurs koweDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. Lo mdlalo azowudlala ngaphandle kwabalandeli ngemuva kokugwetshwa yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League. Lokhu kungenxa yesigameko sesithathu sokuhlaselwa abalandeli enkundleni kobengumqeqeshi uMolefi Ntseki.
Ngemuva komdlalo weSpurs, kuza owomkhaya baseSoweto ne-Orlando Pirates obhekwe ngabomvu ngoNovemba 11.