UFUNA babhukule abadlali bakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Tshabalala, yize bebuye namaphuzu aphelele kwiHollywoodbets Super League, behlula iCopperbelt Ladies ngo 3-2 eLucas Moripe Stadium ngeSonto ntambama.
Amagoli eCopperbelt ashaywe nguThandi Rameri noTshibogo Madihlaba, awamaSandawana avalelwa phakathi nguMiche Minnies, Karabo Makhurubetshi noLelona Daweti.
Bekubukeka sengathi la maqembu azocazelana amaphuzu ngaphambi kokuthi uDaweti ashayele iqembu lasekhaya igoli elilinikeze amaphuzu amathathu.
ISundowns isaqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-53 emidlalweni engu-20 kodwa uTshabalala ufuna abadlali banyuse izinga.
“Uma ngikhuluma iqiniso, asidlalanga kahle neze. Nokho angifuni ukubagxeka kakhulu abadlali ngoba senze izinguquko eziyisishiyagalolunye eqenjini elaqala umdlalo odlule,” kusho uTshabalala.
“Kungenzeka ukuthi yilokho okuphazamise umgqigqo weqembu kodwa ngihlezi ngithi kwiSundowns sinabadlali abasezingeni eliphezulu okufanele bahlale bekulungele ukungena badlale. Laba badlali yibona esizobe sibasebenzisa eminyakeni ezayo ngakho kumele sibanikeze ukuzethemba ngokuthi badlale ukuze bafunde.
“Siyawabonga amaphuzu amathathu kodwa abanye abadlali badinga ukukhuphula izinga. Ngeke sikwamukele ukudlala ngalolu hlobo, ikakhulukazi uma silungiselela umqhudelwano omkhulu phesheya. Kufanele senze kangcono, ikakhulukazi phambili.”
IMamelodi Sundowns imenywe ukuyodlala kwiWomen’s Cup e-USA ngo-Agasti 14 nango-Agasti 17. Amanye amaqembu azobe eyingxenye yalo mqhudelwano ngosokhaya, iKansas City, i-Atletico Madrid yaseSpain neKobe yaseJapan.
Khonamanjalo, i-University of Western Cape iqinisekise ukuthi ayisali kakhulu kwiSundowns ngokunqoba iLindelani Ladies ngo 2-0 eSugar Ray Xulu Stadium eClermont, ngeSonto.
Igoli lokuqala le-UWC liqhamuke ngesikhathi umkhonto ka-Omuhle Ngcobo ugwaza ekhaya, kwathi elesibili lashaywa uSibulele Holweni.
I-UWC ihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-44 emidlalweni engu-18.