INKAKHA eyayingalibheki ipali, uShaun Bartlett, ikholwa wukuthi umgadli wakuleli, uLyle Foster, weBurnley, angaba ngomunye wabagadli abahlonishwayo uma engezukuzithela ngabandayo kwi-English Premier League, e-England.
Ngempelasonto edlule akujabulanga nje kuphela umphakathi waseBurnley kodwa kube ngesifanayo nakowakuleli njengoba leli qembu linyukele kulesi sigaba.
Leli qembu, elicijwa nguVincent Kompany, lindizele kwelenyoni phezu kokuba kusasele imidlalo eyisikhombisa ngaphambi kokuthi i-EFL Championship isongwe.
Lishaye iMiddlesbrough ngo-2-0 wamagoli ka-Ashley Barnes noConnor Roberts. Linqobe lase liqhwakela ngamaphuzu awu-87 emidlalweni ewu-39. Kweyesibili kuneSheffield ngawu-76.
UFoster ulandwe nguKompnay ngoJanuwari ephuma kwiK.V.C Westerio yaseBelgium. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium uke waqeqesha noPercy Tau esadlala kwiR.S.C Anderlecht yakulona leliya lizwe.
UBartlett, oke wadlala kwiCharlton Athletic yase-England phakathi kuka-2000 no-2006, ubongele uFoster ngokunyukela kwiPremiership.
Uthe akangabazi ukuthi baningi abadlali bakuleli azobagqugquzela ukufeza amaphupho abo.
Nokho umluleke ngokuthi aqine ngoba kusazoshuba esigabeni esikhulu.
"UFoster yima ezozwa ukuthi kumnandi futhi kunzima kanjani ukudlala kwiligi ehlonishwa umhlaba jikelele. Uzoqhudelana nabadlali bezinga eliphezulu emhlabeni,“ kusho uBartlett.
Uthe ngenxa yokushuba kweligi, akangabazi ukuthi iBurnley izofuna ukuqinisa isikwati ngabadlali abanesipiliyoni.
“Lokhu kungagcina kwenza ukuthi (uFoster) angasitholi isikimu. Kwazi bani, mhlawumbe kungashintsha nomqeqeshi. Kuzomele angadikibali, akenze isiqiniseko sokuthi uyaluncela ulwazi kulaba badlali abanesipiliyoni. Nathi sasizwa ukungatatazeli. Sengimbone kaningi uFoster edlala. Uma engenza engikushoyo, iNingizimu Afrika izoba ngelinye lamazwe anabagadli abahlonishwa umhlaba jikelele," kubeka uBartlett oseqeqesha iCape Town Spurs aqala ukugqama kuyo ebholeni elikhokhelayo esadlala.
Uqhubeke nokuyala lo mdlali ngokuthi uma ezoba ntekenteke, abalandeli bazophenduka isitha sakhe.
"Ingcindezi yabalandeli izoqina kakhulu kunakuqala. Ngesizini ezayo iBurnley izobhekana namaqembu afana noChelsea, Manchester City namanye. Nakuba iBurnley izobe iyiqembu elizokweyiwa ngabaningi kodwa kubalandeli bayo akunjalo. Ngeke bayimele eyomdlali ozobadicilela phansi. Ngingameluleka ngokuthi uFoster angagcini ngokujima neqembu. Akaphinde azilolonge yedwa ngokweqile.“
Elakuleli ligcine ngoSteven Pienaar ukuba nomdlali ohlale isikhathi eside kwiPremiership. UPienaar wadlala isikhathi eside kwi-Everton, wadlala nakwiTottenham. Kumasizini edlule kuke kwanethemba ngoPercy Tau kodwa naye ugcine eshiyile kwiBrighton & Hove, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt ngoba engasitholi isikimu e-England.