KUNYUKE ithemba lokuya emdlalweni wamanqamu begqugquzekile abadlali bakhe kumqeqeshi waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, ngemuva kokuthi bekwazile ukuqeda ishobolo lokunganqobi obese kudonse imidlalo eyisishiyagalombili kwiDStv Premiership.
Ngempelasonto, AmaZulu ahlule iStellenbosch FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium. Lawa ngamaphuzu Usuthu obeluwadinga kwiligi kanti bekungokokuqala uFolz enqoba umdlalo wakhe kwiPremier Soccer League selokhu afika kuleli njengoba aqala kwiMarumo Gallants, ayishiye engazange anqobe nakanye.
NgoMgqibelo Usuthu luzoya kwingqophamlando yomdlalo okungowamanqamu weMTN8 lapho luzobhekana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama. Usuthu lwagcina ukuphakamisa indebe ngo-1992, luthatha iCoca-Cola Cup.
“Ngasho phambilini ukuthi sizogcina sinqobile. Besazi ukuthi isikhathi sizogcina sifikile," kusho uFolz.
"Ngeke ngisho ukuthi kwehle ingcindezi kodwa bese sifikile isikhathi futhi ngijabule ngalokho. Engingakusho ukuthi kuzoba yinto enkulu uma kuholela ekutheni sinqobe neminye imidlalo eminingi."
Njengoba Usuthu luzongena kowamanqamu luhambela phezulu, amaBhakabhaka abuyiselwe kwamhlaba ngesikhathi eshaywa yiKaizer Chiefs ngo 1-0 kowomkhaya baseSoweto ngempelasonto edlule.
Yize kunjalo, uFolz uthe akukho okungako okungafundwa kule miphumela yeligi njengoba umdlalo wamanqamu uzoza nokwawo okuhlukile.
"Imidlalo ayifani futhi nginesiqiniseko sokuthi iPirates izongena kowamanqamu nemiqondo ehluzekile izolwela ukuba yiqembu elingcono. Nathi sizokwenza konke okusemandleni kodwa angicabangi ukuthi imidlalo edlule izokwenza umehluko kithina nakubona,” usho kanje.
"Ungasho ukuthi sizobe sisendaweni engcono ngokomqondo kodwa anginaso isiqiniseko salokho. Abadlali bawo womabili la maqembu, namanye akwiligi yethu, bayakwazi ukulawula imizwa yabo ukuze bahlukanise okwenzeke emdlalweni odlule nalowo osuke usazodlalwa.
"Bengibatshelile abadlali bami ngaphambi kwalo mdlalo (neStellenbosch) ukuthi yithuba lethu lokugcina lokuhlola izinga lethu. Bekungewona umdlalo ongenasici kodwa sikwazile ukunqoba futhi sangazinika izimbangi amathuba amaningi okushaya amagoli."
Usuthu lugubha iminyaka engu-90 kulo nyaka njengoba leli qembu lasungulwa ngo-1932. Phezu kwalokho, uFolz ubeyingxenye yezinkulungwane zabantu abebehambele umcimbi wokunikezwa kweSilo samaZulu, uMisuZulu kaZwelithini isitifiketi eMabhida ngoMgqibelo odlule.
Lo mqeqeshi odabuka eFrance uthe ukuba yingxenye yalo mcimbi yinto angasoze ayikhohlwa futhi unesiqiniseko sokuthi abadlali bazimisele ukuzuza izinto ezinkulu.
“Kade sisemcimbini wokugcotshwa kweSilo futhi siphinde sazibonela ukuthi abalandeli bethu baseseka kangakanani. Ngiyazi ukuthi bazobe bekhona ngoMgqibelo nakweminye imidlalo ezolandela kule sizini. Uma udlalela abantu abaningi awubi nalo ilungelo lokwehlisa umdlandla wakho. Siyazi ukuthi iSilo siyaseseka futhi nesizwe sakwaZulu sinathi.
"Njengoba ngike ngasho mhla ngifika kuleli qembu, ibhola aliyilutho ngaphandle kwabalandeli. Sidlalela bona futhi sifuna ukubenza baziqhenye. Sizokwenza konke okusemandleni ethu kuyo yonke imidlalo futhi uma kusifanele ukunqoba, sizonqoba,” kusho uFolz.