KUFANELE bazinuke amakhwapha abagadli baMaZulu FC abayeke indathane yamathuba ngesikhathi leli qembu liwashiswa ijezi ngama-amesha, iDondol Stars ngo-5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kwiNedbank Cup ngoLwesithathu, e-FNB Stadium, eGoli.
Le kube impendulo yomqeqeshi waleli qembu, uRomain Folz, ngesikhathi ebuzwa abezindaba ngemuva komdlalo ngamathuba okuqeda phezulu kwi-log yeDStv Premiership, ukuze babe yingxenye yemidlalo yeCaf ngesizini ezayo.
NgokukaFolz, othe akakholwanga ukuthi umdlalo wawo neDondol edlala kwi-Safa ABC Motsepe League, uphele zibambene ngo-1-1, AmaZulu aqhelelene nokuba ingxenye yemidlalo yase-Afrika uma eyeka amathuba ngale ndlela enze ngayo e-FNB.
“Akulona ihaba kodwa bekufanele okungenani siye ekhefini sihamba phambili ngamagoli amane,” kusho uFolz ngemuva komdlalo.
“Akudingi-ke ulwazi oluningi ukuqonda ukuthi uma uyeka amathuba ubhekene neqembu elifana neDondol, usuke uzicelela inkinga ngoba alinankinga ngokunyomfa umdlalo kuze kuyiwe emaphenathini.
“IDondol ibingcono kunathi. Ubufakazi balokho ukuthi iyona edlulela phambili kwiNedbank. Indlela esiyeke ngayo amathuba izobafakela amahloni abagadli bami uma sengibabukisa yona kuma-video,” kusho lo mqeqeshi ebabula uGabadinho Mhango no-Ethan Brooks, ogcine ekhishwwa ngekhadi elibomvu.
Mayelana namathuba okuqeda endaweni yesibili kwi-log, uthe kufanele bakhohlwe ngalokho uma bezoqhubeka ngale ndlela. Okwamanje AmaZulu abambe indawo yesishiyagalombili kwi-log. Anamaphuzu awu-28, emidlalweni ewu-22.
“Indawo yesibili siyafisa ukuqeda kuyona kodwa uma sidlala ngale ndlela siqhelelene kakhulu nokuqeda endaweni efana naleyo. Maningi kakhulu amaqembu abheke leziya zindawo futhi wona awawayeki amathuba njengoba senzile.
“Amathuba vele ngeke asetshenziswe wonke kodwa kukhona asobala ngale ndlela ekushiya kwawena ungazi njengomqeqeshi ngoba asuke elula kakhulu.
“Kuningi okufanele sikulungise uma sifuna ukuphupha ngokuzuza izinto ezithile kule sizini kodwa okusemqoka kunakho konke ukuthi abagadli kufanele bazinuke amakhwapha ngamathuba abawayekayo njengoba sizithola sibhekene nalesi simo,” kusho uFolz.
Emidlalweni engu-16 yaMaZulu edlule, kuyona yonke imiqhudelwano, uFolz usaphumelele ukunqoba kwemine kuphela.