UKHALE ngobuhlathi bonompempe, umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain Folz, ezakhe zihlulwa ngomakhelwane baKwaZulu-Natal, iRoyal AM ngo-2-0 emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium, ngempelasonto edlule.
Kulo mdlalo, iThwihli Thwahla inqobe ngamagoli kaMotebang Sera nelikaMxolisi Macuphu.
Emidlalweni eyisikhombisa, uFolz esebhentshini loSuthu usanqobe oweStellenbosch kuphela.
Ngesikhathi uSuthu lushaywa yiRoyal AM kuzwakale iningi labalandeli lithi usihlalo walo, uSandile Zungu, kuzomele asheshe amkhulule uFolz ngoba uzozithola esenkingeni.
Maphakathi nesiwombe sesibili salo mdlalo, kusuke isixakaxaka umsizi kanompempe, u-Athenkosi Ndongeni, ethi ibhola ebelikhahlelwe uSera yigoli ekubeni lingaweqanga umugqa.
Ngemuva kokukhalaza kwabadlali boSuthu, unompempe uChristopher Kistoor ugcine ethe akulona. UFolz ukhala ngonompempe nje, selokhu kuqale isizini sikhulu isikhalo ngendlela abanamaphutha ngayo.
Lo mqeqeshi uveze nokuthi igoli lokuqala elibangenelile kube yiphutha likanompempe obeke i-free kick singekho isidingo.
"Okunye ukuthi emizuzwini yokuqala esiwombeni sesibili, sidlale kahle kwaze kwawukuba umgqigqo wethu ubulawa iphutha lonompempe. Bengiqala ukuyibona into enje selokhu ngaqala ukuqeqesha. Kuphele imizuzu emine kuya kwemihlanu bengazi ukuthi ibhola elikhahlelwe umdlali weRoyal AM yigoli noma cha,“ kusho uFolz kwabezindaba.
“Ngiye kunompempe wangitshela ukuthi liyabalwa igoli leRoyal, okusho ukuthi sesidliwa ngo-2-0. Ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi ibhola kaliweqanga umugqa, kalibalwa. Nonompempe bekubonakala ukuthi badidekile. Nakuba singadlalanga kahle kulo mdlalo kodwa lesi sixakaxaka siwubulele umgqigqo wabafana bami. Ngaphambi kokuthi senzeke besibonakala singalishaya noma inini igoli lokulinganisa.
"Ngiyazi ukuthi kunzima ukuba unompempe. Akumina ngedwa okhulumayo, noGavin Hunt uhlale eliveza ilaka lakhe. Angisho ukuthi unompempe uwudlalise kabi noma kahle lo mdlalo. Esikucelayo ukuthi uma bedlalisa abacophelele, indlela yabo yokusebenza mayibe nokuhlonipheka. Ngizikhulumela mina, uma ngibuza, ngicela onompempe bangicacisele ukuthi igoli noma cha, hhayi ukuthi bangixoshe," kubeka uFolz ngomoya ophansi.
Ebuzwa ukuthi akayizweli yini ingcindezi njengoba iqhubeka ukumphika imiphumela, ungene ezintangeni wathi: "Kuyona yonke imidlalo kuhlale kunengcindezi. Uma ubheka iligi kasikho endaweni okumele ukube sihleli kuyo. Kolunye uhlangothi asikho kude kumaqembu angenhla.“
Nakuba iningi labadlali boSuthu lingadlalanga ngendlela egculisayo kodwa uHandrick Ekstein ugeze igilo abaningi enkabeni yesisu. Okumangaze kakhulu ngalokhu kudlala kahle ukuthi bekuwumdlalo wakhe wokuqala kule sizini.
Ngasekupheleni kwesizini edlule, kuvele ukuthi benoThabo Qalinge bakhonjwe indlela. Kodwa baphinde babuyiswa. Namanje indaba yokuthi bangase bakhululwe isalokhu ivela. NoQalinge koweRoyal AM unikiwe ithuba esiwombeni sesibili. UFolz uyincome kakhulu indlela u-Ekstein adlale ngayo.
NgoLwesihlanu, uSuthu olusendaweni yesi-12 ngamaphuzu awu-18, luzokwamukela iKaizer Chiefs, eMoses Mabhida Stadium, ngo-7.30 ebusuku.